Iyabheda indlela uTsvangirai aphucwa ngayo ithuba lokuphatha - Malema

2018-02-20 15:59

Cape Town – Umholi we-EFF uJulius Malema uhloniphe umholi weqembu eliphikisayo ongasekho emhlabeni uMorgan Tsvangirai obulawe wumdlavuza wamathumbu ngoLwesithathu olwedlule.

Ngokusho kombiko weNewsDay, uMalema uyichaze "njengombhedo" indlela uTsvangirai aphucwa ngayo iqatha emlonyeni yilowo owayengumengameli eZimbabwe, uRobert Mugabe, ngemuva kokunqoba ukhetho lwango-2008.

UMalema uthe into enje ayisoze yavunyelwa ukuba yenzeke eNingizimu Afrika.

UTsvangirai wemukwa ithuba lokuba athathe izintambo zoMbuso nguMugabe ngemuva kokunqoba okhethweni lukazwelonke ngo-2008. Waphoqwa ukuba angene kuhulumeni wobambiswano ngemuva kwalokho wakhala ngaphansi okhethweni luka-2013.

OLUNYE UDABA: Izwe lizosiza ngezindleko zomngcwabo kaTsvangirai

"Sithanda ukutshela abantu baseZimbabwe, umndeni wakwaTsvangirai, abangani kanye nozakwabo kwi-MDC, ukuthi siyacela namukele ukukhalisana kwethu nani.

"Singangavumelana nepolitiki kaTsvangirai, kepha siyavuma ukuthi ngempela wanqoba ukhetho kepha uMbuso wangamvumela ukuba athathe izintambo ahole abantu baseZimbabwe," kucashunwa uMalema esho.

Khonamanjalo, umholi weqembu eliphikisayo eKenya, uRaila Odinga, otheleke eZimbabwe ngoMsombuluko, uhambele umngcwabo kaTsvangirai ngoLwesibili.

Ngokusho kombiko weNew Zimbabwe.com, u-Odinga uthe ukushona kukaTsvangirai kushiya "igebe ezweni elidinga abantu abamehlomane futhi abazethembayo ekutheni baholele izwe kwintandweni yeningi liphinde lithole inkululeko".


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.