Ingundabizekwayo i-video yentokazi "eshikila" imapunapuna

2017-01-29 13:26

Durban - Itheleke ngehlazo intokazi yaseDundee, maphakathi neKwaZulu Natal, emuva kokuputshuka kwe-video yemikhuba esisabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho ibonakala khona izineka inqunu inunusela owesilisa ngomzimba wayo.

Le ntokazi esiligodlile igama layo, i-video yayo ingundabuzekwayo kwelakubo eDundee nasezinkundleni zokuxhumana, okuvela ukuthi le video ivela nje nayo isekhaya nomndeni wayo.

Kule video le ntokazi iyabonakala ukuthi ixhumana nomuntu othile nge-video ekwazi ukuba ibonise konke ekwenzayo imkholise  ekude ngokuba imshikilele, idlise ngomzimba wayo.

Iqala ngokubonakala ukuthi ithinta ikhamera eyiqophayo bese imbuza lona wesilisa ukuthi uyayibona na, avume. Ibe isiqala ithi: Oh nkosi, nice to meet you Hector. I am Lee, Oh God.

Ibe isishaya amadunudunu, ipanse izinqe zayo, ifulathele ingemuva kube ububenyebenye. Izwakala ithi: "Do you like my a...baby.

Iqhubeka njalo idansa amadunudunu, itshikizise izinqe kuhle kwesikhukhukazi sizithintitha isisila. Akugcini lapho ibe isiphenduka ibheke phambili ivule imilenze idlalise i"ngozi engeqiwa ntwala" ngesandla.

OLUNYE UDABA: Kuputshuke i-video eveza abafana benukubeza omunye

Konke lokhu ikwenza ibhongisa okwenkunzi yenkomo, kucaca ukuthi ifuna lo mbhemu emthokozisayo aneliseke. Lona wesilisa ongabonakali uzwakala enanela eyincoma enhlinhliza, kwesinye isikhathi ubuye acele ukuba ime kahle ngoba engasayiboni kahle.

ILANGA LangeSonto elingalali endleleni liyifune layithola le ntokazi evumile ukuthi yiyo lena ebonakala kule video kodwa yezwakalisa okukhulu ukudumala ngokusabalaliswa kwayo ezinkundleni zokuxhumana yathi: "Yaze yabuhlungu le nto engiyenziwe yilo muntu ngoba le nto yenzeke eminyakeni emibili eyedlule. Ngimangele sengizwa isoka lami selingitshela ukuthi kune-video engeyinhle.

Ngithe aliyithumele, ngethuka kwaphela nasozwaneni sengithola ukuthi yi-video eyenzeka ngisaziphilela impilo yobusha, ekubeni manje sengadlula kulezi zinto."

Le ntokazi ibikhuluma ibe nezikhawu, izwakala ukuthi idumele.

Itshele leli phephendaba ukuthi okuyiphethe kabi kakhulu wukuthi abazali bayo bobabili bayakholwa kanti umalume wayo ungumfundisi endaweni.

"Ubaba nomama sebengixolele, ngisho nesoka lami liyangeseka kule simo engikuso. Akusho lutho, uNkulunkulu unami, uyazi lona osabalalise le nto endala kangaka ukuthi ubehloseni kodwa ngeke ngiye phansi ngingendlalelwe," kubeka le ntokazi.

Ithi lo Hector ngowesilisa omhlophe, wase-United States of America (USA), owayeyicele ukuba imshikilele, kodwa ayikaze ilale naye. Iqhuba ithi, yake yasola ukuthi lo mlisa uyayiqopha kodwa yanganaka. 

Ngokusho kwayo le ntokazi, baningi asebekhuluma sengathi ibiyenza ucansi kanti bekungumshikilo nje engasawenzi manje.

"Impilo iyaqhubeka, akukhona ukuphela komhlaba, kuzodlula konke kubuye kube mnandi. Kodwa ngiyaxolisa kubo bonke abathintekile ngale video," kuphetha le ntokazi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.