Inhlangano ifuna kube yicala ukuphathwa kwefulegi elidala

2018-03-01 11:00

Johannesburg - INelson Mandela Foundation ibabele eNkantolo yezokuLingana ifuna kukhishwe umyalelo ovimbela ukuphathwa kwefulegi langesikhathi sobandlululo emphakathini.

Le nhlangano ifake lesi sicelo ngoLwesithathu kanti ifuna ukuba lithathwe njengeligqugquzela inzondo.

Ithi lesi sinqumo isithathe ngemuva kweminyaka bebukela kuqhubeka ukuphathwa kwaleli fulegi benethemba lokuthi kuzophela.

OLUNYE UDABA: I-DA iyisitha sabantu njengoba ingalweseki elokubuyiswa komhlaba - DA

“Ukuphathwa kwaleli fulegi kubuyisa iminjunju yangobandlululo ezigidini zabantu abamnyama baseNingizimu Afrika,” kusho i-NMF esitatimendeni.

"Ngeke sakuphika ukuthi ifulegi elidala liyingxenye yomlando wethu, kodwa kufanele libesezindaweni ezigcina izinto eziwumlando [izigcinamagugu].”

- ANA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.