Inhlangano ifuna kuboshwe inhloko yoMnyango wezeMpilo esifundazweni

2018-03-04 16:57

Johannesburg - ISouth African National Civic Organisation (Sanco) ifuna kuboshwe inhloko yoMnyango wezeMpilo eNorth West, uThabo Lekalakala, ngezinsolo zenkohlakalo, kuphenywe nangeqhaza likaNdunankulu Supra Mahumapelo kulolu daba.

“Lokhu kulandela ukuvuma kukaLekalakala kwi-Standing Committee on Public Accounts (Scopa) ukuthi yena, kanye nomkakhe nabanye asondelene nabo, bavakashela eNdiya kanti izindleko zalolu hambo olubizayo zakhokhelwa yinkampani yakwaGupta iMedioa,” kusho okhulumela iSanco uJabu Mahlangu.

OLUNYE UDABA: BUKA: Umfana uvaleleke eliftini ngemuva kokuyichamela

“Kumele kuphenywa kabanzi nangeqhaza likaNdunankulu Supra Mahumapelo kulolu daba, ngoba kubukeka sengathi waxhaphaza ihhovisi lomphakathi ukuvikela lokho okufunwa yibona,” kusho uMahlangu.

Uncome amalungu esiShayamthetho sesifundazwe ngokufuna izimpendulo, noNgqongqoshe wezeMpilo u-Aaron Motshoaledi ngokuhambela kulesi sifundazwe eyozitholela ukuthi kwenzakalani.

Ithe kuzomele kuphenywe nangemali eyisigidi eyakhokhelwa le nkampani ngaphambi kokwenza umsebenzi.

- SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.