Inhlangano yabafundi eKZN ifuna kuboshwe ababulale umfundi KwaDabeka

2017-09-07 12:31

Durban – Iziphathimandla bezingakabophi muntu ngokubulawa komfundi wentombazane eThekwini.

Umfundi obenza uGrade 12, uNonhlanhla Gumbi, 17, eZiphathele High School KwaDabeka, unyamalale ngempelasonto.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele uthe amaphoyisa aKwaDabeka aphenya ngecala lokubulala.

UMbhele uthe isidumbu sikaGumbi sitholakale esikhotheni, sinemihuzuko esiswini nasemathangeni.

"Imbangela yokubulawa kwakhe ayikaziwa okwamanje. Ukuhlolwa kwesidumbu yikhona okuzocacisa ngendlela afe ngayo.”

OLUNYE UDABA: Zimkhalele umufundi ogwaze wabulala omunye

USihlalo weCongress of South African Students (Cosas) uSiyabonga Phakathi uthe bebenethemba lokuthi amaphoyisa azobe esekhona ambophile manje.

"Sinethemba lokuthi bakhona abazoboshwa kungekudala. Sekuyisikhathi sokuba angathathwa kancane la macala. Le nto isivamile ukwenzeka. Odadewethu laba ababulawayo,” kusho uPhakathi.

Uthe izigebengu ezibulala noma ezihlukumeza abesifazane kumele zisuswe emphakathini.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.