Inhlangano yabafundi ithi akasule uNgqongqoshe wezeMfundo

2017-01-19 16:00

Pretoria – Inhlangano yabafundi ezinze eTshwane ithi ifuna kusule ngokushesha uNgqongqoshe weMfundo eyisisekelo, u-Angie Motshekga, kubika iSABC News.

IProgressive Student Movement(PSM) isigxeke uhlelo lwezemfundo kuleli, yathi alubabhekeleli abafundi abasemiphakathini ehluphekayo.

OLUNYE UDABA: Sishintshe uMnyango isikhulu 'esabanjwa ocansini' nesisebenzi

Le nhlangano igxeka lo Mnyango ngokuxhaphaza abafundi abavela emiphakathini ehlwempu njengoba bengakaze bazithole izincwadi kanye nezinye izinsiza zokufunda.

Le nhlangano iphinde yakhwela yadilika kuMnyango wezeMfundo ngohlelo lwayo lokubhaliswa kwabafundi online, yathi abanye abazali abakwazi nokubusebenzisa lobu buchwepheshe.

Iphinde yakhala nangokuthi abafundi bahamba ibanga elingu-25 kilometres ukuze bafinyelele emfundweni.

Kodwa-ke okhulumela uMnyango, u-Elijah Mhlanga, uthi le nhlangano ayazi nokuthi lidumephi ngemizamo kahulumeni yokubhekana nezinselelo ezibhekene nabafundi abahlwempu.

Lo nhlangano ithi uMotshekga wenza ukuthi uhlelo lwezemfundo kuleli lube yinto engenamsebenzi. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.