Inhlangano yamatekisi inikele ngemifaniswano yesikole

2016-08-08 16:04

Johannesburg - IHarry Gwala Taxi Association inikele ngemifaniswano yesikole kubafundi abangaphezu kwabangu-400 eKokstad muva nje.

Ngonyaka odlule le nhlangano inikele ngemifaniswano kubafundi abangu-500 baseJolvert ngahandle kwaseXobho.

Usihlalo wale nhlangano, uZibele Kheswa, uthi lo mcimbi waminyaka yonke wesekwa yizinhlangano zamatekisi ezingu-8 eHarry Gwala.

Funda nalolu daba: Kuyaqhubeka ukuqulwa kwecala lowe-ANCYL osolwa ngokubulala intombi

“Siyayithanda imfundo futhi sifuna abafundi bagqoke imifaniswano emihle uma beya esikoleni.

Ngonyaka ozayo inhlangano izonikelelela abafundi basezikoleni zaseMzimkhulu.”

Lo mcimbi ubuhanjelwe nawuNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu kanye nemisebenzi yoMphakathi eKZN uRavi Pillay neMeya yomkhandlu waseHarry Gwala uMluleki Ndobe.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.