Inhlansi yethemba kuKhune ngeBafana

2016-11-10 13:30

Durban - Kulokoza inhlansi yethemba ku-Itumeleng Khune ongunozinti weBafana Bafana ezobhekana neSenegal emdlalweni kaGroup D wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ozokuba ngoMgqibelo ngo-15h00 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

IBafana inengcindezi yokunqoba lo mdlalo kwazise kowokuqala ibambane neBurkina Faso ngo-1-1 ekuhambeni.

Isendaweni yesithathu kuleli qoqo ngephuzu emdlalweni owodwa, kubika ILANGA.

ISenegal yiyona eziholayo kuleli qoqo ngamaphuzu amathathu emdlalweni owodwa.

ICape Verde Islands ibambe ibhuleki kwazise kayinalo iphuzu njengoba ihlulwe yiSenegal emdlalweni wayo wokuqala.

UKhune uthi ugezeke igilo ngasekubonile ekhempini yaleli qembu.

"Njengamanje konke kusahamba kahle, amalungiselelo aseqophelweni eliphezulu. Ngendlela izinto ezenzeka ngayo nginethemba lokuthi lo mdlalo sizowunqoba. Siyifunde kahle iSenegal.

"Sesiyazi nje ukuthi iza nani. Kodwa-ke ngeke ngikufihle ukuthi lo mdlalo uzokuba nzima uma ubuka isikwati sayo.

"Ibophele abadlali abanamagama, abanye babo bagijima kwi-English Premiership.

"Nokho konke lokho sizokubeka eceleni ngeke sivume ukuhlulelwa esibayeni sethu.

"Ukuhlulwa kwethu kulo mdlalo kuzokwenza omkhulu umonakalo, empeleni sizokube siyiwelisile iSenegal ngakho-ke sizokulwa kulo mdlalo sekungamane kunqamuke imilenze nezandla," kusho uKhune.

UTebogo Langerman, uRonwen Williams no-Andile Jali kabazange bajime ngoLwesibili ngenxa yokulimala. Nokho udokotela weBafana, uThulani Ngwenya, uthe yinto engatheni unethemba lokuthi kuzofika lo mdlalo besesimweni esihle.

Bayajima manje kodwa baqashwe ngelokhozi yithimba lodokotela.

Iqembu leBafana elizodlala neSenegal limi kanje, onozinti: Ronwen William (SuperSport United), Khune (Kaizer Chiefs) noBrighton Mhlongo (Orlando Pirates).

Abasemuva: Ramahlwe Mphahlele (Chiefs), Rivaldo Coetzee (Ajax Cape Town), Thulani Hlatshwayo (Bidvest Wits), Clayton Daniels (SuperSport), Asavela Mbekile (Mamelodi Sundowns), Langerman (Sundowns), Eric Mathoho (Chiefs) noThabo Matlaba (Pirates).

Abasesiswini: Furman (SuperSport), Jali (KV Oostende FC, Belgium), May Mahlangu (Dinamo Bucaresti, Romania), Ayanda Patosi (Lokeren FC, Belgium), Keagan Dolly (Sundowns), Daine Klate (Wits), Mpho Makola (Pirates ) noHlompho Kekana (Sundowns).

Abagadli: Eleazar Rodgers (Wits), Bradley Grobler (SuperSport), Lars Veldwijk (KV Kortrjk, Belgium), Sibusiso Vilakazi (Sundowns), Thulani Serero (Ajax Amsterdam, Holland), noThuso Phala (SuperSport).

EleSenegal limi kanje, onozinti: Abdoulaye Diallo (Caykur Rizespor‚ Turkey)‚ Khadim Ndiaye (Horoya‚ Guinea) noPape Seydou Ndiaye (Niarry Tally).

Abasemuva: Saliou Ciss (Valenciennes‚ France)‚ Fallou Diagne (Werder Bremen‚ Germany)‚ Lamine Gassama (Alanyspor‚ Turkey)‚ Kalidou Koulibaly (Napoli‚ Italy)‚ Ibrahima Mbaye (Bologna‚ Italy)‚ Kara Mbodj (Anderlecht‚ Belgium)‚ Abdallah Ndour (Racing Strasbourg‚ France) noZargo Toure (Lorient‚ France).

Abasesiswini: Moumhamed Diame (Newcastle United‚ England)‚ Pape Kouly Diop (Espanyol‚ Spain)‚ Idrissa Gana Gueye (Everton‚ England)‚ Cheikhou Kouyate (West Ham‚ England)‚ Pape Alioune Ndiaye (Osmanlispor‚ Turkey)‚ Cheikh Ndoye (Angers‚ France) noYounouss Sankhare (Lille‚ France).

Abagadli: Famara Diedhou (Angers‚ France)‚ Mame Biram Diouf (Stoke City‚ England), Diao Balde Keita (Lazio‚ Italy)‚ Moussa Konate (Sion‚ Switzerland)‚ Sadio Mane (Liverpool‚ England) no-Ismaila Sarr (Metz‚ France).

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.