Inhlansi yethemba ngokuthuthukiswa kwezomnotho eHammarsdale

2017-06-07 18:00

Hammersdale - Ukuvulwa kwendawo yokugcinwa kwamagugu kubuyise inhlansi yethemba kwezomnotho emphakathini waseHammarsdale.

Lesi sikhungo iMpumalanga Heritage Centre sivulwe wuMasipala weTheku ngokugqugquzelwa yiMpumalanga Peace and Development Trust ngenhloso yokufundisa umphakathi ngomlando wale ndawo.

Lesi sakhiwo sizofundisa umphakathi ngomlando waleli lokishi laseMpumalanga njengoba siqukethe umlando wokwenzeka ngezikhathi zodlame lapho okwachitheka igazi eliningi kulwa amaqembu ezepolitiki kusukela ngo-1986.

UMduduzi Gumede owaba yisigayigayi somzabalazo utshele iphephandaba lomphakathi iKZN Eyethu ukuthi lesi sakhiwo ngesokuhlonipha amaqhawe ale ndawo, okuzocotshelelwa kuso izivakashi nentsha ngolwazi ngomlando wawo.

Uthe lesi sakhiwo sizoqinisa ubumbano futhi sitakule umnotho wakule ndawo ngokuthuthukisa ezokuvakasha nokuyinto edingekayo njengoba kusanda kuvalwa amafemu asebenzela kule ndawo.

OLUNYE UDABA:Ayizwa 'mshini' ngama-weave inkakha yomculo

UThembinkosi Ngcobo, oyiNhloko yoMnyango wezamaGugu, ezamaSiko namaPaki kuMasipala weTheku, uthe lokhu kufana nokufezeka kwephupho elidala ngoba le ndawo izoba yisikhumbuzo kubantu.

“Ukuvulwa kwalesi sikhungo kuzoletha isifundo esisha kubantu lapho bezothola ulwazi ngemvelaphi yendawo yabo. Lokhu nathi siwuMkhandlu weTheku kuzosenza siziqhenye njengoba sinethemba lokuthi le ndawo izohlomula ngobumbano kanye nomnotho,” kusho uNgcobo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.