Iningi labantu alisamfuni uZuma, ngokocwaningo lwakamuva

2017-04-06 11:04

Cape Town – Ucwaningo lwakamuva seluveze ukuthi ukuthandwa kukaMengameli Jacob Zuma sekwehle kakhulu njengoba abantu abayisikhombisa kwabayishumi lapha eNingizimu Afrika bekholwa ukuthi kumele abeke phansi izintambo.

Ngesikhathi bebuzwa ukuthi uZuma kumele asule yini njengoMengameli, u-74% wabantu abangu-1000 baseNingizimu Afrika bathe yebo.

Lolu cwaningo lwenziwe ngemuva kwesinqumo sikaMengameli Zuma sakamuva sokuhlela kabusha iKhabhinethi yakhe ngesonto eledlule.

AbeMhlophe, amaNdiya, kanye namaKhaladi bakhombise ukungamfuni kakhulu uZuma, njengoba kube u-84% wabo ufuna ukuthi uZuma asule.

OLUNYE UDABA: VIDEO: Alikho ilungu le-ANC elizovota namaqembu aphikisayo – Mantashe

Lolu cwaningo olwenziwe ngomakhalekhwini, lwenziwe kusetshenziwa ama-SMS yi-Kantar TNS, okuyinkampani eyenza ucwaningo emhlabeni wonke.

Ngaphezu kwalokho, kolunye futhi ucwaningo olwenziwe yi-TNS esikhathini esingamasonto amabili ngoMashi – kodwa ngaphambi kokuba uZuma ahlele kabusha iKhabhinethi, bangu-20% kuphela abantu bakuleli abahlala ezindaweni ezisemadolobheni ababecabanga ukuthi uZuma wenza umsebenzi omuhle njengoMengameli wezwe.

Lokhu kukhombisa ukwehla okukhulu njengoba babengu-58% ngonyaka wokuqala uZuma enguMengameli, ngo-2009.

Esitatimendeni, iKantar TNS, ebilokhu ilandela ukwesekwa kukaZuma kusukela ngonyaka ka-2009, iqaphele ukuthi lolu shintsho olungaka okwesekweni kukaZuma lubonakala kakhulu kubantu abamnayama, njengoba u-64% uphika ukuthi wenza umsebenzi omuhle.

Lokhu kunyukile njengoba kusuka ku-59% wangoFebhuwari wangonyaka odlule.

Abantu besifazane abamnyama babonakala bengasayizwa indaba kaMengameli Zuma njengoba bengu-65% abazwakalise ukungagculiseki ngaye uma kuqhathaniswa no-57% wangonyaka odlule. 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.