‘INingizimu Afrika ihamba phambili emhlabeni ngabasuleleka nge-HIV’

2016-07-06 20:29

Pretoria – Njengoba iNingizimu Afrika izilungiselela ukusingatha i-International Aids Conference, eThekwini, ngasekupheleni kwale nyanga, uhulumeni uveza esinye isithombe.

Uhulumeni uthi uchitha imali engango-R20 billion njalo ngonyaka ukulwisana nobhubhane isandulela ngculazi nengculazi uqobo.

Kuthiwa abesifazane abaphakathi kuka-15 no-24 ubudala yibo abasuleleka kakhulu ngaleli gciwane.

OLUNYE UDABA: UMbeki uthi akaze asho ukuthi i-HIV ayiyibangi i-Aids

Babalelwa ku-6.8 million abantu abane-HIV kuleli, kanti emhlabeni jikelele iNingizimu Afrika ihamba phambili ngesibalo sabantu abasuleleka ngaleli gciwane.

OweSouth African National Aids Council, uDkt Fareed Abdullah uthe: “Sisebenzisa imali elinganiselwa ku-R23 billion njalo ngonyaka.”

Uthe balinganiselwa ku-2 000 abesifazane abasebancane abasuleleka ng-HIV njalo ngeviki.

IKwaZulu-Natal neGauteng yizona zifundazwe ezihamba phambili ngesibalo sabantu abanalo bhubhane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.