INingizimu Afrika isihlabene negolide lokuqala kuma-Olympic

2016-08-15 07:01

Rio de Janeiro – Umsubathi wakuleli uWayde Van Niekerk wephule irekhodi lomhlaba likaMichael Johnson ku-400m ngesikhathi ethatha indondo yegolide ngeSonto.

UVan Niekerk, ubegijima emzileni ka-8 ongathandwa kakhulu, ngesikhathi ephula irekhodi.

Obevikela lesi sicoco uKirani James waseGrenada uthathe indondo yesiliva kwathi uLaShawn Merritt waseMelika wathatha eyethusi.

OLUNYE UDABA: Hlukanani nokubiza iqembu lesizwe ngamaGlug-glug - Safa

"Ngijabule ngokuba yingxenye yomjaho okuqopheke kuwo umlando. Sekuyisikhathi manje sokuthi lo mdlalo wokusubatha ubekwe le phezulu kanye neminye,” kusho uJames.

Yize uVan Niekerk engushampeni womhlaba, ukungenzi kahle kwakhe kweyandulela owamanqamu kwenze amehlo omhlaba athi njo kuJames noMerritt.

Le yindondo yokuqala yegolide yeNingizimu Afrika kule midlalo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.