INingizimu Afrika isingene kwinzikamnotho

2017-06-06 12:31

Pretoria – Izinga lomthamo wemikhiqizo kanye nemisebenzi (Gross Domestic Product) eyenziwe kuleli ekoteni yokuqala onyakeni ka-2017 kwehle ngo-0.7%, nokusho ukuthi leli zwe selingene shi kwinzikamnotho (recession), ngokoMqondisi Jikelele we-Economic Statistics kwaStatistics South Africa (Stats SA), uJoe de Beer.

Lo mbiko wakamuva weGDP ukhishwe yiStats SA ngoLwesibili.

Lokhu kwehla kwezinga lemikhiqizo yakuleli kulandela okunye ukwehla ngo-0.3% ekoteni yesine kunyaka ka-2016.

Uma kuqhathaniswa nonyaka odlule, ukunyuka kwemikhiqizo yakuleli kwafinyelela ku-1%. “Eminyakeni emine edlule bekunezikhawu zokungakhuli kahle komnotho ngaphambi kwamakota amabili okugcina,” kusho uDe Beer.

Imikhakha yezohwebo kanye nezimboni iyona ebe nomthelela omkhulu kulokhu. Uhwebo lwehle ngo-5.9% kwathi ukwakhiwa kwemikhiqizo ezimbonini kona kwehla ngo-3.7%.

OLUNYE UDABA: Usuphinde wehliselwa ezingeni eliphansi lomnotho uMzansi

Imboni yezolimo kanye nezimayini yizona kuphela izimboni ezibe nomthelela omuhle. Imboni yezolimo inyuke ngo-22.2% ngemuva kokululama kwayo kulandela ukuhlaselwa yisomiso, kwathi imboni yezimayini yona yakhula ngo-12.8%.

Kodwa-ke ukusetshenziswa kwemali emikhiqizweni kwehle ngo-0.8% ekoteni yokuqala.

Kwehlile ukusetshenziswa kwemali emakhaya ehlukene, nalapho ukusetshenziswa kwemali ekudleni, iziphuzo ezinganabo utshwala, izimpahla zokugqoka kanye nezicathulo kanjalo nezokuthutha kube nomthelela omubi.

Ukunyuka ngo-3.2% kwezimpahla ezivela kwamanye amazwe kulawulwe kakhulu yimikhiqizo yezimbiwa phansi.

Ukusetshenziswa kwemali nguhulumeni kwehle ngo-1%.

Esikhathini esingengakanani esedlule iWorld Bank isanda kuqagula ukuthi umnotho uzokhula ngezinga eliphansi eminyakeni emibili ezayo. Leli Bhange loMhlaba lilindele ukuthi umnotho uzokhula ngo-0.6% ngo-2017, ngo-1.1% ngo-2018 bese kuba u-2% ngo-2019.

Ngonyaka ka-2017 nangonyaka ka-2018 kuqagulwe ukuthi umnotho uzokhula ngaphansi ngo-0.5% no-0.7% ngokulandelana okunezibalo zangoJanuwari ku-2017, iFin24 ibike kanjalo. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.