INingizimu Afrika kumele ibhacise uMugabe kuleli - EFF

2017-11-15 18:01

Cape Town – I-EFF isizwakalise ukweseka okwenziwe amasosha aseZimbabwe kodwa yanxusa ukuba ushintsho kumele luhambisane nokuthula, nokuba iNingizimu Afrika kumele inikeze uMengameli Robert Mugabe imvume yokuzobhaca kuleli ngesizathu sezombusazwe.

"UMengameli Mugabe akakwazi ukulokhu eqhoqhobele izintambo ekubeni umzimba wakhe ungasamvumeli,” kusho i-EFF esitatimendeni. Ithe sekuyisikhathi sokuba izwe liphathwe ngomunye umuntu, yaphinde yathi wonke amazwe omhlaba kumele alweseke ushintsho.

Amasosha aseZimbabwe angenelele ezinkingeni zezombusazwe kuleliya lizwe, kulandela izikhalazo ngokuxoshwa kwephini likamengameli u-Emmerson Mnangagwa.

I-EFF ithe yona ngokwayo ibona ukuthi amasosha kumele agqugquzelwe ukuba ahole uhlelo loshintsho olungenalo udlame oluzophetha ngokubanjwa kokhetho olukhululekile” kusho okhulumela i-EFF uMbuyiseni Ndlozi.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Kunokwesabela ukuthi amasosha alungiselela ukuketula uMugabe

"I-ZDF (Zimbabwean Defence Force) kumele iqinisekise ukuthi akushoni muntu ngalesi sikhathi soshintsho, kodwa kumele futhi ngakolunye uhlangothi ilwisane nalabo abazozama ukumelana noshintsho okumele ngabe kudala lwenzeka.”

I-EFF iphinde yathi iziphathimandla zaseNingizimu Afrika kumele zinikeze uMugabe nomndeni wakhe imvume yokubhaca kuleli ukuze kuqinisekiswe ushintsho olunokuthula.

Phambilini, iDA ithe ayihambisani nokungenelela kwamasosha ezindabeni zepolitiki, kodwa yathi kumele uMengameli Mugabe ehle sikhundleni kubanjwe ukhetho.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.