Injabulo kubaba oyimpumputhe ethweswa iziqu

2017-12-14 12:32

Cape Town – U-Ornette Danse uthi into ayikhumbulayo wukukhuphakela esiteji eyokwamukela iziqu zakhe zezifundo ze-Public Management enyuvesi yaseCape Peninsula University of Technolog (CPUT), kushaywa elikhulu ihlombe.

Lo baba oyimpumputhe unezingane ezintathu, akakwazanga ukubona injabulo kumkakhe, wumama wakhe, wugogo wakhe kanye nakumkhwe wakhe abebemphelezele, kodwa uyazi ukuthi bebeziqhenya kakhulu ngaye.

“Intokozo ingenhla, ngithokoze ngendlela engachazeki,” kusho yena ngemuva kwamahora ambalwa esanda kwamukela iziqu zakhe.

Uthi kumthokozise ngendlela emangalisayo ukwamukela lezi ziqu.

OLUNYE UDABA:BUKA: Wethweswe iziqu zobudokotela uMbuyiseni Ndlozi

Uthi yize asebenze ngokuzikhandla kule minyaka emithathu, kodwa kusekude ukuthi aqede izifundo zakhe njengoba esezimisele nokuqhubeka neziqu zeBachelor of Technology.

UDanse, 32, waba yimpumputhe eneminyaka engu-10 ubudala ngesikhathi eyohlinzwa iso kepha kwangahamba kahle, wagcina esevaleke amehlo womabili.

Ngesikhathi enza umatikuletsheni, wafundela ukuphendula izingcingo wabamba itoho emaphoyiseni ngamaholidi ephendula izingcingo.

"Ngangazi ukuthi kuzokuba nzima ukuthola umsebenzi uma sengiqede isikole njengoba ngiyimpumputhe. Ngangazi ukuthi mancane amathuba okuqashwa yingakho kwakubalulekile ukuthi ngithole ulwazi lomsebenzi kuqala nokuyinto eyayizongibeka ethubeni elihle lokuthola umsebenzi," kusho yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.