Injabulo kuvulwa isikhungo sezemidlalo KwaDukuza

2018-04-25 07:35

eThekwini - “Noma selingashaya uzamcolo wemvula, likhithike kodwa sesinekhaya elifudumele, lokuzilolonga.” Ubesho kanje ngenkulu injabulo emqeqeshi weKwaDukuza The Queens, okuyiqembu labesifazane le-basketball.

Leli qembu belibhekene nenkulu ingcindezi njengoba kusondelele umqhudelwano iThekwini Basketball League.

Inkinga enkulu yaleli qembu bekungukuthi kalinayo indawo ehlelekile yokuzilolonga, bekubanzima kakhulu uma kunezimvula ezinamandla nokuyinto ebibaphazamisa kakhulu.

Bonke lobu bunzima sebuphelile kanti nezinyembezi zabo zesuliwe njengoba umasipala wakule ndawo usubakhele ikhaya elisha.

NgoMgqibelo, kuzovulwa ngokusemthethweni iShayamoya Sport Complex, KwaDukuza.

OLUNYE UDABA:  Ikilabhu ithi bekufanele imbophise umqeqeshi

Umqeqeshi waleli qembu uBilly Khambule oqeqesha i-The Kings kanye ne-The Queens, okungamaqembu ebhola lomnqakiswano, uthi bebebhekene nenkulu ingcindezi uma sekumele bazilolonge.

Uthi ukungabi nendawo ehlelekile yokuzilolonga ngenye yezinto ebinqanda impumelelo yabo uma kunemidlalo. "Abanye abadlali bebengalubhadi ejimini uma kuke kwanetha ngoba besijimela noma yikuphi lapho okunesikhala khona."

Leli qembu elidlala ngaphansi kweThekwini Basketsball League (EBL), lake laba yingxenye yemidlalo yama-SALGA ngonyaka ophelile lapho elalimele khona uMasipala iLembe, laphuma indawo yesithathu.

Leli qembu lizotholana phezulu neDurban University of Technology (DUT) kanye ne-University of KwaZulu Natal (UKZN) , njengoba kuvulwa isizini ngomhlaka-28 kwephezulu.

IShayamoya Sport Complex ivulwe ngemidlalo ekhethekile lapho i-The Queens iphume phambili njengoba ihlabene ngendebe emidlalweni yayo emibili abayidlalile kuvulwa le ndawo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.