Johannesburg - Inkabi ingene emzini wesisulu iphethe ucelemba ngesandla ‘izobulala’
umnikazi wendlu, yafica abantu ebebephakathi belele.
Ibone owesilisa elele kusofa, yamngenela ngocelemba ekhanda, kanti
ishaya umuntu obekungeyena ebimfuna.
Isisulu siyelulama esibhedlela, kanye nomnikazi wendlu, okunguyena
obefunwa.
UMandla Ngcobo, 53, waseMofolo South eSoweto uthe unenhlanhla
njengoba esaphila.
Uthe ubevakashelwe umngani wakhe nokuthe
uma beqeda ukuphuza ubhiya waya kolala yena, washiya umngani wakhe elele kusofa.
“Ngiyamzwela kakhulu umngani wami. Uyena olimale kakhulu.”
“Ngizwe umsindo ecela usizo phakathi nobusuku. Ngokuphazima kweso
ngibone eseseceleni kombhede wami nembazo umsolwa. Ungishaye ngawo ucelemba.”
OLUNYE UDABA: Ibuyela enkantolo indodana esolwa ngokubulala unina
Uthe uhilizisana nowesilisa waze walimala emlenzeni ezama ukuzivikela.
“Owesilisa ubalekile, mina nomngani wami saphumela ngaphandle
siyofuna usizo kumuntu oqashe umjondolo ongaphandle.”
“Cishe safa,” kusho uMandla.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Kay
Makhubela, uthe kuvulwe icala lokushaya esiteshini samaphoyisa eMoroka.
Uthe akukaboshwa muntu okwamanje kodwa amaphoyisa asaphenya.