Inkakha yomculi ezinsolweni zokuzama ukubulala

2017-09-05 09:31

Johannesburg - Inkakha yomculi nephinde ibengumbhali, uMbongeni Ngema, isolwa ngokwesabisa umngani wayo ngesibhamu ngesibhamu ‘bedakiwe’.

Lo mdidiyeli weSarafina kubikwa ukuthi uboshwe ngoLwesihlanu ekuseni wathweswa icala lokuzama ukubulala.

UMbongeni uboshwe ngemuva kwezinsolo zokuthi usabise umngani wakhe ngesibhamu ngoba emsolwa ‘ngokufunana nomkakhe’.

Ngokwamaphepha asenkantolo, uMbongeni udubule kathathu emoyweni ngesikhathi ejaha umngani wakhe ngoLwesine ebusuku.

Kuthiwa lokhu kwenzeke ngemuva kokuphuza utshwala eGallo Manor eSandton, enyakatho yeGoli.

Ngokwemininingwane yeSunday Sun, umngani bekunguMenelisi Nkambule, osekuphele iminyaka ezwana noNgema.

OLUNYE UDABA: Wethembise umshado umlingisi

Iphephandaba lehlulekile ukuthola ukuthi ngumuphi kumakhosikazi amathathu kaNgema othinteka kulolu daba.

Kuthiwa uMenelisi ngesikhathi behlezi bonke ubelokhu ekhuluma nomkaNgema kuphuzwa utshwala.

UNgema ube esejaha ummangali, wadubula kathathu emoyweni kodwa kwangalimala muntu.

Iphoyisa elingafunanga ukudalulwa lithe uMbongeni ubephethe i-38 special revolver, kanti lesi sibhamu sithathwe ngamphoyisa.

Iphoyisa liphinde lathi uMbuso ungase umthwele necala lokuphatha isibhamu ephuzile.

Okhulumela amaphoyisa, uLungelo Dlamini, uthe uMbongeni uvele eNkantolo kaMantshi eWynberg ngoLwesihlanu ngecala lokuzama ukubulala.

Ube esededelwa ngebheyili ka-R1 000 kanti icala lihlehliselwe ngasekupheleni kwenyanga.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.