Inkampani entsha isilaxaze uBabes ngenxa yokungaboni ngasolinye

2017-07-24 19:30

Durban - Inkampani esanda kuqashwa ukuba ibhekelele izindaba zikaBabes Wodumo, ithi isikhethe ukuhlukana nale ntokazi ngezizathu ezithile.

I-African Star Communications ithi imigomo nemibandela yabo ayibavumeli ukuba baqhubeke nokumela le ntokazi.

Ngokusho kwabo, bona bamela umculi noma umlingisi yedwa, hhayi izinkampani ngokuphelele. Bathi ngesikhathi beqala ukusebenza nale ntokazi eqopha ngaphansi kwe-Wesi Ink bavumelana ngokuthi bazophatha yona yodwa.

Ngokuhamba kwesikhathi, inkampani yakhe yacela ukuthi basale sebephatha izindaba zabanye abaculi abangaphansi kwayo.

OLUNYE UDABA: Ulaxazwe yimenenja uBabes Wodumo

Inkinga iqale ngesikhathi i-West Ink isicela le nkampani ukuba iyiphathele izindaba zayo nayo.

Abe-African Star Communications bathi lokhu akuhambisani nenqubo yabo ngoba lo msebenzi usuzoba ngaphezu kwamandla abo.

Babuye babonga ngethuba abalitholile lokusebenzisana nale ntokazi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.