Inkampani inikeze umndeni wowabulawa yizinja u-R5 000

2017-10-24 16:02

Durban – Usakhungathekile umndeni waKwaZulu-Natal ngemuva kokunikezwa u-R5 000 nje vo kulandela isigameko sokushona kwelungu lomndeni elidephunwe yizinja lashona lapho ebelisebenza khona.

UKhulekani Mthembu, ongubaba wengane yomfana eneminyaka eyisithupha ubudala, walunywa kabi yizinja ezimbili eLa Maine Equestrian Estate, eShakaskraal, enyakatho yeTheku, ngoSuku lwamaGugu.

Kwathi ngokuhamba kwesikhathi washonela esibhedlela ngenxa yokulimala kanzima kulo msebenzi abesasebenze kuwo izinyanga ezintathu.

NgoMsombuluko, umfowabo uCollin Mthembu, uthe umndeni namanje awukaze uxhumane nabanikazi bale ndawo okwakusebenza kuyo umufi.

"Cha, abakaze basishayele ngisho ucingo bezwe ukuthi umfowethu samfihla kanjani nanokuthi sibhekene kanjani nalesi simo esinzima. Ngemuva kokuthi basifakele u-R5 000, abaphindanga baxhumana nathi.”

UMthembu uthe umndeni wathola le mali ngemuva komngcwabo.

OLUNYE UDABA: Idliwe yizinja ingane ezalwe yashiywa ngunina

"Sayithola ngemuva komngcwabo le mali. Basinekeza yona ngaphandle kokusichazela ukuthi ngeyani kepha ngicabanga ukuthi kwakungeyesinxephezelo ngoba umfowethu washonela emsebenzini, yize bengazange bakubalule lokho.”

Kuthiwa bekungekona okokuqala lezi zinja zihlasela umuntu.

“Ngo-2015 zalimaza kabi owesifazane owayesebenza kule ndawo wahlala isikhathi esiyisinyanga ezingu-9 esibhedlela noma esephumile nje kwakucacile ukuthi impilo ngeke isafana."

UMthembu, naye obesebenza kuleli pulazi, uthi washiya emsebenzini kulandela ukushona kukamfowabo.

“Nganquma ukusula ngoba bengehluleka ukusebenza endaweni okwashonela kuyo umfowethu.”

UMthembu uthi ngokubona kwakhe abanikazi beLa Maine babengenandaba nokuthi umfowabo akanazo izincwadi ezimgunyaza ukuba asebenze ngalezi zinja ngesikhathi bemnikeza umsebenzi.

"Ngokubona kwami bafaka impilo kamfowethu engcupheni ngoba bamqasha yize ayengenaso isitifiketi sokusebenza nalezi zinja – njengami.”

Amaphoyisa asiqinisekisile lesi sigameko athi kwavulwa idokodo ngokufa komuntu kanti amaphoyisa aseMhlali ayaphenya.

Okhulumela i-ANC Youth League (ANCYL) kuleya ndawo uMusa Zondi uthe uphiko “lushaqekile futhi lucasukile" ngendlela enobulwane lo mndeni ophathwe ngayo.

Iphunzile yonke imizamo yokuxhumana nabaseLa Maine ukuze baphawule.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.