Inkantolo imchithile uZuma ngolweziphakamiso zoMvikeli woMphakathi

2017-12-13 12:38

eThekwini - INkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng isichithile isicelo sikaMengameli uJacob Zuma sokuba kubuyekezwe iziphakamiso ezimbalwa zoMvikeli woMphakathi.

Lokhu kumayelana noMbiko owakhishwa wuMvikeli woMphakathi mayelana nombiko we-State Capture.

UMengameli wafaka isicelo enkantolo sokuba kubuyekezwe izigaba ezimbalwa zalo mbiko.

UMvikeli woMphakathi wenza lolu phenyo ngemuva kokuba athole izikhalazo ezimbalwa mayelana nenqubo engaqondakali yokuqashwa koNgqongqoshe abathile.

UMncedisi Jonas owayeyiPhini likaNgqongqoshe wezeziMali wacela ukuba kwenziwe uphenyo ngemuva kokuba abizelwe emzini wabakwaGupta lapho atshelwa khona ukuthi uzonikezwa isikhundla sokuba wuNgqongqoshe wezeziMali, ngaleso sikhathi uNgqongqoshe kwakunguNhlanhla Nene.

OLUNYE UDABA: UZuma uthi uzoyisungula ngokushesha ikhomishini uma eyalelwa yinkantolo

UJonas uthi kulo mhlangano kwakukhona nendodana yakaZuma uDududzani.

Esinye isicelo sokuba kuphenywe senziwa wuMmusi Maimane lapho acelakhona uMvikeli woMphakathi ukuba aphenye ubudlelwano bakaMengameli uZuma nalo mndeni.

Esinye isicelo safakwa womunye ogama lakhe ligodliwe lapho kwacelwa khona ukuba uMvikeli woMphakathi aphenye ngokukhishwa kwemisebenzi ezikhungweni ezisebenzisana nohulumeni, i-Eskom nalo mndeni kanye nokuziphatha kukaHulumeni.

Imiphumela yophenyo lwakhe, uMvikeli wpMphakathi uthi yize bungekho ubufakazi balokhu okuvezwe wuJonas noma kufakazelwa yimibiko yabezindaba, kuyamangaza ukuthi kungani umndeni wakwaGupta ube nolwazi ngezinqumo ezizokwenziwa, nokuyizinqumo okumele zenziwe kuphela uMengameli.

Lokhu kuyinkomba yokuthi kwephulwe umthethwo kuthembeka nokungumthetho ofungelwe kulabo abanezikhundla eziphezulu kuhulumeni.

UMvikeli woMphakathi wakhipha isiphakamiso sokuthi uMengameli Zuma kulele aqoke uKhomishana ozophenya kabanzi ngalokhu.

Ijaji okuyilona elizohola lo khomishana kumele liqokwe yiNhloko yamaJaji kanti leli jaji kumele linikezwe amandla okuqhuba lomsebenzi lenze uphenyo olungale kwalolu olwenziwe yihhovisi lakhe.

UMengameli wamajaji uDustin Mlambo, uthi uMvikeli woMphakathi unalo lonke igunya ngokomthetho wehhovisi lakhe lokukhetha izinqumo okumele zenziwe.

Amandla oMvikeli woMphakathi aphuma ngqo kuMthethosisekelo ngakhoke, zonke izingqumo azenzayo kumele zilandelwe njengoba zinjalo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.