INkantolo inqume ukuthi uSomlomo onganquma ngevoti eliyimfihlo

2017-06-22 12:30

Johhanesburg – INkantolo yoMthethosisekelo inqume ukuthi uSomlomo wePhalamende uyena ongakwazi ukunquma ukuthi kuvotwe yini ngokuyimfihlo esiphakamisweni samaqembu aphikisayo sokungamethembi uMengameli Jacob Zuma.

Lesi sinqumo besilandela isicelo ebesifakwe i-United Democratic Party (UDM) sokuthi iphoqe uSomlomo wePhalamende likazwelonke, uBaleka Mbete, ukuba asingathe ukuvota ngokuyimfihlo esiphakamisweni sokungamethembi uMengameli Jacob Zuma.

OLUNYE UDABA: UZuma uzobhekana nokusula, nokulawulwa kombuso ePhalamende

Amaqembu aphikisayo ePhalamende anxusa uMbete ukuba avumele ukuvota ngokuyimfihlo esiphakamisweni sokungamethembi uMengameli Jacob Zuma kulandela isinqumo sakhe sokuhlela kabusha iKhabhinethi, nesasusa umsindo ngoMashi, nalapho axosha khona ongqongqoshe abahlukene, okubalwa nowayenguNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan.

Ngenkathi yethula isinqumo sayo iNhloko yamaJaji, uMogoeng Mogoeng, uphinde wayalela uMengameli Zuma kanye noMbete ukuthi bakhokhele izindleko zecala ze-UDM, kanye namanye amaqembu aphikisayo.

Uthe uSomlomo wenza iphutha uma ngabe ekhipha isinqumo sokuthi akanawo amandla okunquma ukuthi kuvotwe ngokuyimfihlo, wathi lesi sinqumo asifanelekile futhi usibuyisela eceleni. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.