Inkantolo inqume ukuthi zaboshwa kufanele izelamani

2016-08-15 14:31

Johannesburg – Kwakufanele amaphoyisa abophe uBrandon-Lee noTony-Lee Thulsie abangamawele, kusho iNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoMsombuluko.

Umama wamawele, uWasiela, ukhihle esikaNandi ngesikhathi iMantshi uPieter du Plessis efunda isinqumo sakhe.

UDu Plessis uthe izinto ezatholakala ngesikhathi kuseshwa zikhomba ukuthi kungenzeka ukuba abasolwa babehlela ubushokobezi.

Fundanalolu daba: Izigebengu zibanjwe sisadiliza iSpaghetti elolini

Uqhube wathi omunye wabasolwa, uRenaldo Smit, uthe uzokwethula ubufakazi, futhi wanikeza amaphoyisa imininingwane eyanele ukuba bangaboshwa abasolwa.

UDu Plessis uthe nangenxa yokuthi abasolwa baphinde banqandwa kabili bezama ukuhamba kuleli, lokho kubenomthelela esinqumeni sakhe.

Ummeli wabamangalelwa, u-Anneline van den Heever, uthe uzofaka isicelo sokudlulisela lesi sinqumo eNkantolo eNkulu.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.