Inkantolo ivimbele isiteleka esiqhubekayo e-Eskom

2016-08-10 20:30

Cape Town  – Inkampani ephakela elakuleli ngogesi ithe ngoLwesithathu isiteleka esiqhubekayo asisekho emthethweni ngemuva kokuba iNkantolo yezabaSebenzi isivimbelile.

“Ngaphezu kwalokho, ngokwesigaba-71(8) soMthetho wezabaSebenzi, abasebenzi abahlinzeka ngemisebenzi ebalulekile emphakathini njenge-Eskom abavumelekile ukungenela isiteleka,” kusho i-Eskom esitatimendeni.

“Okunye futhi, i-Eskom nezinyunyana ezintathu – iNUM, iNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) kanye neSolidarity, basezingxoxweni ngemizamo yokuthola isixazululo ngodaba lwamaholo abawafunayo.”

Funda nalolu daba: I-Eskom ixwayisa ngokufaka izingqwembe ezigxobeni zikagesi

NgoLwesibili iNUM imemezele ukuthi abasebenzi abangaphezu kwabangu-15,000 abangamalungu ayo e-Eskom bazongenela isiteleka kuzona zonke izifundazwe kuleli sonto.

Inyunyana ifuna abasebenzi banyuselwe amaholo phakathi kuka-8.5% no-10%, kanti i-Eskom ibeke etafuleni phakathi kuka-7% no-9%.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.