Inkantolo ivumele abezindaba ukuba balisakaze bukhoma kwelikaKarabo

2017-06-23 19:32

Johannesburg – Abezindaba bathole igunya lokusakaza bukhoma ukuqulwa kwecala lalowo osolwa ngokubulala uKarabo Mokoena.

Lokhu kulandela isicelo esafakwa ngabamaphephandaba sokuba bavunyelwe ukungena enkantolo uma kuqulwa leli cala eseliphenduke icala elingundabamlonyeni kuleli.

IMantshi uCarlo Labuschagne uthe uzobavumela abezindaba ukuba babike ngaleli cala, lokhu kulandela isinqumo sokuqala senkantolo sokunqanda abezindaba ukuba bangabiki ngaleli cala ngomhlaka-24 Meyi 2017 ngesikhathi umsolwa uSandile Mantsoe efaka isicelo sebheyili.

OLUNYE UDABA:'Ushadile futhi unezingane ezintathu' osolwa ngokubulala uKarabo Mokoena

Le mantshi ithi yize inika abezindaba igunya lokusakaza ngaleli cala, amagama ofakazi kanye nobufakazi bephoyisa eliphenyayo ngeke kuvezwe futhi ngeke kunikezwe abezindaba.

UMantsoe ubhekene necala lokubulala kanye nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. Uyaliphika icala lokubulala uMokoena njengoba ethi wazibulala.

Leli cala lihlehliselwe umhlaka-30 kwephezulu kanti kulindele ukuba abashushisi kanye nabameli bafake amaphuzu abo ahamba phambili enkantolo ngomhlaka-28 kwephezulu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.