Inkantolo ivune umphakathi ngesonto elinomsindo

2017-05-23 14:00

Johannesburg - Umphakathi waseYeoville uthi ngeke ukwazi ukubekezelela umsindo webandla elisanda kuvulwa kule ndawo.

Lo mphakathi uthi awukutholi ukuphumula njalo uma kuke kwashaya isikhathi sokuqala kwenkonzo.

UTebogo Mohlala, 46, oyisakhamuzi sakule ndawo uthi uneminyaka cishe engu-20 ehlala kule ndawo kodwa ubengakaze acabange ukuthutha ngaphambi kokufika kwaleli sonto.

Ngokusho kukaMohlala kudingeke ukuba bacele inkantolo ingenelele ngale nkinga ababhekene nayo bewumphakathi.

NgoLwesithathu olwendlule, iNkantolo eNkulu yaseGauteng inqume ukuba leli bandla, iSalvan Marcelle kanye nomholi walo u-Elijah Tenkwee, livale ngoba libekwe kule ndawo ngokungemthetho.

“Ngithokoze kakhulu ngesinqumo senkantolo sokuba leli sonto kumele livalwe futhi lihambe kule ndawo. Ekugcineni sesizoke silale ubuthongo, silale siphumule,” kusho uMohlala.

OLUNYE UDABA:Owesilisa usolwa ngokweba umnikelo wase eshisa isonto

Esinye isakhamuzi uMartha Nkabinde, 34, uthe bayamthanda uNkulunkulu nokuthandaza kodwa besebekhathele.

“Simthanda impela uNkulunkulu, kodwa esikhundleni sokuthola izibusiso zikaNkulunkulu, besekufana nokuthi sisesihogweni,” kusho uMartha.

Lezi zakhamuzi zithi into ebibacika kakhulu wukuthi amalungu ebandla afika nezipikha ezinkulu azibeke ngaphandle, kushunyayelwe kuze kuhlwe.

Lo mphakathi ubonge kakhulu ukungenelela kweMeya uHerman Mashaba okunguyena ovulele leli bandla icala.

Ngokusho kukaMashaba, lo mfundisi unikezwe izinsuku ezingu-30 ukuba athuthe leli bandla lakhe, uma kungenzeki, izikhulu zenkantolo zizozifikela mathupha zizoshaqa impahla.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.