Inkantolo izonquma ukuthi kumele abuyiselwe yini kwelakubo owalahlwa awokudlwengula

2017-09-21 09:30

Cape Town – INkantolo kaMansthi eWynberg kulindeleke ikhiphe isinqumo mayelana nokuthi u-Anthony Peter Freedendal, olahlwe amacala angu-8 okuhlukumeza ngokocansi eKapa, kumele yini ebuyiselwe e-Australia.

UFreedendal, 76, ubhekene namacala abalelwa kwangu-20 ahlobene nokokuhlukumeza ngokocansi izingane e-Australia.

Wayededelwe ngebheyili e-Australia wabe esebalekela eKapa ngo-2011.

OLUNYE UDABA: Ulengiswe kubuka umphakathi owalahlwa yicala lokudlwengula nokubulala

Akaze abuyele e-Australia ukubhekana namacala akhe.

Ngo-2014, uFreedendal waboshwa, watheswa amacala, wagwetshwa ngokuhamba kwesikhathi ngamacala ocansi athinta izingane zabafana ezintathu nezambantombazane ezinhlanu, zasesontweni ayekhonza kulona.

Kuthiwa wayecela izingane ukuba zifike zizolala kwakhe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.