Inkantolo yaseMadadeni ibagwebe udilikajele ababulala usomatekisi

2017-10-19 18:00

eThekwini - INkantolo eNkulu eMadadeni ikhiphe isigwebo sikadilikajele kubasolwa ababili abalahlwe yicala lokubulala usomatekisi.

NgoLwesine le nkantolo igwebe uLindokuhle Mhlongo, 31, kanye noNdawoyakhe Shabalala, 47, ngecala lokubulala usomatekisi ngonyaka ka-2013.

Ngomhlaka-28 Novemba 2013, ekuseni ngehora lesikhombisa, usomatekisi uSiyabonga Nkabinde, 38, wayehamba nesihlobo ngesikhathi bedudulwa oshayasibhamu ababili ngenhlamvu.

OLUNYE UDABA: Kugwetshwe umnikazi wamakhaza ngelokubulala

Lokhu kwenzeka esigcemeni sase-6 eMadadeni ngaserenki yamatekisi, kanti uNkabinde washonela khona lapho, isihlobo sasinda yize sasilimele kabi.

Kwavulwa icala lokubulala kanye nelokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa eMadadeni, kodwa ladluliselwa kwithimba eliphenya ngodlame lwamatekisi kulesi sifundazwe.

Uphenyo lwaholela ekubanjweni kukaMhlongo noShabalala, bashushiswa icala lagcina ngokubagojela.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.