Inkanyamba uDineo: Uhulumeni kumele abe nezinhlelo zokuvikela labo ababuthaka

2017-02-17 19:39

Cape Town - Njengoba kulindeleke ukuthi inkanyamba, uDineo agadle ezifundazweni ezintathu, iMpumalanga, iLimpopo neKwaZulu Natali.

Uhulumeni kazwelonke kumele aqinisekise ukuthi kunohlelo olucacile lokubhekana nomonakalo, ukuze kuqinisekiswe ukunakekelwa kwalabo abantulayo.

Umsebenzi kahulumeni kazwelonke ukufundisa nokwelusa ohulumeni bezifundazwe kanye nabasekhaya, ubathuthukise ukuze bakwazi ukumelana nezinhlekelele baphinde banikezele ngosizo lapho kudingeka khona.

OLUNYE UDABA: Sekushone 4 kuhlasela isishingishane, uDineo

Ngokomthethosisekelo, uhulumeni kazwelonke iwona ngqo obekelwe ukubhekana nezinhlekelele.

Ngokomthetho i-Disaster Management Act yangonyaka wango-2002, i-National Disaster Management Centre (NDMC) inikezwe umsebenzi wokuqinisa ukusebenzisana kwezinhlaka zezinhlekelele uphinde ugcizelele ukuqiniswa kwezinhlelo zokuvikela.

Ngokomthetho lesi sikhungo kumele:

- Sibe yindawo enikezela ngolwazi oluphelele lwezinhlekelele kanjalo nezindlela zokugwema izinhlekelele.

 - Kumele sihlanganise imisebenzi yayo nohulumeni bezifundazwe kanye nezinhlaka ezibhekele izinhlekelele komasipala

 - Kumele sixoxisane nezikhungo zezinhlekelele zasemazweni angaphandle ukuze bashintshiselane ngolwazi bafunde nangamasu amasha okubhekana nezinhlekelele.

Zonke izicelo zosizo kumele ziqondiswe ku-NDMC futhi nosizo lokutakulwa kwabakhahlanyezwe izinhlekelele kumele luhanjiswe kuyo.

Izakhamuzi zakuleli ezentulayo yizo ezikhahlamezeka kakhulu uma kunesimo sezulu esingesihle futhi amakhaya azo yiwo akhukhulekayo ngenxa yezimvula, lokho-ke kubeka impilo yabo engcupheni.

Isishingishane u-Dineo sesivele siwenzile umonakalo eMozambique njengoba sidlule nemiphefumulo yabantu abayisikhombisa khona.

Uhulumeni kazwelonke usebe nesikhathi esanele sokuzilungiselela ukufika kukaDineo futhi kumele aqinisekise ukuthi uzilungiselele ngazozonke izindlela.

Lesi yisitatimende esivela kwiLungu lePhalamende le-DA kuzemvelo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.