Johannesburg -Usuhamba kancane umsebenzi
wokwakhiwa kwebhuloho endaweni yomtakabani ku-M1, kubika iSowetan.
Yize kunjalo uMnyango wezokuSebenza wenza uphenyo ngokuwa kwaleli bhuloho ngonyaka odlule.
Inkampani
yakwaMurray and Roberts isola inkampani eyakwa-Form Scaff ngoba
kwakusetshenziswa izinsika zayo ukusekela ibhulohwe.
Lolu lwazi lunikezelwe uProfesa Roelf
Mostert ubemele inkampani iMurray & Roberts.
OLUNYE UDABA:Indida ngesibalo sabashone kuwa ibhuloho eGoli
Kulindeleke ukuba abe-Form-Scaff
nabo banikezele ngobabo ubufakazi ngomsebenzi ongagculisi obuwenziwa iMurray
& Roberts nokuyinto eyolele ekuweni kwaleli bhulohwe ngenyanga kaMfumfu
ngonyaka odlule.
Kulesi sigameko kwalimala abantu
abangu-19 kwashona ababili.