INkosana yamaNgisi imeme ama-ex ayo emshadweni

2018-02-28 12:30

Cape Town - Sekusabalale imibiko ethi iNkosana yamaNgisi, uHarry, izomema labo abake baba yizintombi zayo oChelsy Davy noCressida Bonas, emshadweni wayo obhekwe ngabomvu.

“UHarry usengumngani omkhulu kaChelsy noCressida, ngakho bazoba khona uma eseshadelwa,” kusho umthombo. “Wenza isiqiniseko sokuthi bahlukana kukuhle nama-ex akhe. Angicabangi ukuthi uMeghan kungamphatha kabi lokho.”

UHarry, 33, wathandana noChelsy, ongowokuzalwa eZimbabwe, isikhathi esiyiminyaka ayisikhombisa kanti uCressida yena kwaba ngemibili, kusho umbiko weMarie Claire.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: UHarry nengoduso yakhe babonakale okokuqala emphakathini ngemuva kokuthembisa umshado

UChelsy wahlangana noHarry eKapa, bathanda base behlukana ngo-2011.

Kwathi ngo-2012, uHarry wathandana noCressida kwabe sekuvela imibiko yokuthi bangase bashade, kepha lo wesifazane waphumela obala ngokuthi akakalilungelo lelo gxathu lempilo.

UCressida wakhala ngegebe elikhona leminyaka emine yobudala phakathi kwabo.

UMeghan Markle, 36 uzoshadela uHarry ngoMeyi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.