Inkosi yamaBhinca uQhubinja uzokhangisa iBrentwood

2017-02-12 11:00

Durban - U-Israel "Qhubinja" Ntombela owaduma ezinkundleni zokuxhumana ngokuqhakambisa amaBhinca usethole ithuba eliyinqayizivele lokhukhangisa.

Kuthiwa inkampani yakwaBrentwood Afrika imfuna uthuli lo wesilisa ukuba azoba ngumkhangisi wabo ohamba phambili.

Le nkampani ithi yalizwa kahle udumo lukaQhubinja futhi sebenesikhathi bezama ukuxhumana naye ngaphandle kokuphumelela.

Le nkampani ithi okwabahlaba umxhwele kakhulu yindlela azigqaja ngayo ngoBrentwood.

"Asidingi yena kuphela kodwa nalabo ake abonakala nabo ezithombeni begqoke ama-Brentwood. Kuyosithokozisa kakhulu ukugcina sitholene ngoba ungumuntu othandwa ngabantu," kusho le nkampani.

OLUNYE UDABA:EZISHISAYO: Kuvela ezithi ucwile ezikweletini uQhubinja

Ngesikhathi ethentwa abeSolezwe, uQhubinja ujabule wahluleka nokuzibamba uma ezwa ukuthi abakwaBrentwood banesifiso sokusebenzisana naye.

"Ngike ngezwe ukuthi abakwaBrentwood bayangifuna, kukhona abangifonelile bangitshela. Yizindaba ezimnandi kakhulu lezi zokukhuphula amaBhinca ezweni," kusho uQhubinja.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.