Inqatshelwe ibheyili indoda 'ebizivikela' ngogebhezi lukanina

2018-03-09 19:28

Johannesburg - Indoda yaseLimpopo eyatholwa namathambo kamama wayo inqatshelwe ibheyili eNkantolo yeMantshi yaseLebowakgomo ngoLwesihlanu.

UBonolo Lesetja, 21, uvele ngaphambi kwenkantolo icala lakhe lahlehliswa ukuze amaphoyisa ezoqhubeka nophenyo.

Umama kaLesetja washona ngo-2001 kodwa ngoDisemba wangonyaka odlule, indodana yakhe ibone kunesidingo sokuba imbe ithuna lakhe.

Lo wesilisa utshele amaphoyisa ukuthi waqala ukumba ngoDisemba waze waqeda ngoJanuwari. 

OLUNYE UDABA:Kutholwe ikhanda lomuntu esikhwameni eThekwini

Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo uColonel Moatshe Ngoepe uthe amalungu omphakathi abona le ndoda izulazula endaweni iphethe ugebhezi lomuntu abe eseshayela amaphoyisa.

UNgoepe uthe amaphoyisa alusukumela ngokushesha udaba kulandela ukubikelwa abe esefika kubo kamsolwa athola ugebhezi lomuntu, zamkhalela kanjalo.

"Amaphoyisa aphinde atthola amathambo enkomo kuwo lo muzi.

"Sathola nokuthi umsolwa uphatha ugebhezi lukamama wakhe esikhwameni uma eya ezitolo nasemabhange njengoba ekholelwa ekutheni uzovikelela kunoma yibuphi ubungozi," kusho uNgoepe.

Imbangela yalokhu ibingakacaci okwamanje kodwa uphenyo lwamaphoyisa yilo oluzocacisa.

 - Daily Sun


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.