Insambatheka ngesehlakalo sokudubula okuhone kusona 'ababili'

2017-02-05 15:12

Johannesburg – Insambatheka ngesehlakalo esenzeke eFordsburg ngoMgqibelo ebusuku, ngesikhathi iqulu labesilisa ebelihamba ngeveni livulela ngenhlamvu libhekise kwenye imoto, kwashona umuntu oyedwa. 

"Ngeke sayiqinisekisa imbangela yokubulala,” kusho uCaptain Mavela Masondo ekhuluma neNews24 ngeSonto.

Abangani abathathu bebehamba ngemoto yabo ngesikhathi abantu ebebehamba ngeveni yohlobo lweToyota Hilux bevulela ngenhlamvu bebhekise kubona base bebaleka.

OLUNYE UDABA: Osolwa ngobugebengu ugwilize ebalekela iqulu labantu eMlazi

Owesilisa oyedwa, oneminyaka engu-21 ubudala, ufe ujuqu, omunye umngani wakhe walimala kabi kanti owesithathu akalimalanga.

INews24 ithole ukuthi owesilisa wesibili ushonele endleleni ebheke esibhedlela. Kodwa lokhu abengakakuqinisekisi amaphoyisa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.