Johannesburg – Ihhovisi likamengameli lizobhekisisa udaba lwezithombe ezifakwe enkundleni yezokuxhumana ezitshengisa owesifazane osemncane eqabula indoda ebonakala sengathi ngumengameli uJacob Zuma.
Lezi zithombe zisabalale enkundleni yezokuxhumana ngoLwesithathu.
OLUNYE UDABA: UMalema ubize umengameli Zuma nge'Blesser'
"Sizolubheka lolu daba," kusho isikhulumi uBongani Ngqulunga.
Intombazane eneminyaka engui-19 ubudala ogamalayo nguLindokuhle Dlamini ifake inqwaba yezithombe zayo ishuthe nomengameli ngoLwesibili.
Okubhalwe esithombeni: "Akasilo nje i'Blesser' kuphela, siyathandana futhi ngiyakuthokozela konke angenzela kona, uthando nje.Xo xo."
I'Blesser' noma u'Sugar Daddy' indoda endala enikekza intombazane esencane imali noma izipho ngoba ifuna ucansi.
I-akhawunti yale ntombazane isiyesuliwe, ayisekho.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter