Intombazane itholakale iphila, kodwa kuzophenywa amaphoyisa

2017-05-22 14:02

Johannesburg – Amaphoyisa ngeke esaqhubeka nophenyo kulandela ukutholakala kukaKitso Mothibe, 13, obedukile, kodwa sekuqaliswe uphenyo ngaphakathi emaphoyiseni ngokuziphatha kwawo.

Ngemuva kwamasonto amathathu engaziwa ukuthi ukephi, umndeni kaKitso ubikele amaphoyisa ngoMgqibelo ukuthi esinye sezihlobo simbone ePark Station, ngokusho kokhulumela i-SAPS uColonel Lungelo Dlamini.

NgeSonto, uDlamini akazange enabe ngesimo sempilo etholakale ikusona intombazane, kodwa uthe uphenyo ngeke lusaqhubeka.

UKabelo Matsatsi - onguyise weKitso ongamzali - utshele i-The Star ngeledlule ukuthi amaphoyisa asenkabeni yeGoli anqaba ukubasiza, nakuba umndeni uwatshela ukuthi usuwutholile umkhondo.

UDlamini uthe amaphoyisa azophenya ngezinsolo zomndeni ngamaphoyisa akulesi siteshi.

OLUNYE UDABA: Kuphinde kwadlwengulwa kwabulawa omunye eGauteng

Kuthiwa uMatsatsi waya emaphoyiseni ngoLwesibili olwedlule ngemuva kokuthola imininingwane ethi uKitso usebhilidini elisekhoneni likaJeppe noNugget Street, eGoli.

Uthi amaphoyisa amtshela ukuthi ngeke alubhade kulelo bhilidi, amtshela ukuthi "alukho lubuyayo phakathi".

Amaphoyisa kuthiwa aze aya khona ngemuva kokuba uMatsatsi asekhulume ngalolu daba emsakazweni ngoLwesine olwedlule.

Amaphoyisa awayitholanga intombazane kodwa abopha okwatholakala ukuthi bakuleli ngokungemthetho, ashaqa utshwala kanye nensangu.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Kay Makhubele ngokuhamba kwesikhathi utshele iThe Star ukuthi akulona iqiniso ukuthi amaphoyisa ayengafuni ukuya kuleya ndawo kodwa ayenganele.

Ngemuva kokutholakala kwakhe, uKitso utshele umndeni ukuthi wayethunjiwe, babezama ukumshushumbisa, ezodayiselwa abantu baseNigeria noma abaseTanzania, ngokubika kwe-Eyewitness News ngeSonto.

- The Star

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.