Intombi itholakale idindilizile kubo kwesoka

2018-03-01 12:31

Cape Town - Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha umsolwa obulale intombazane eneminyaka engu-18 ubudala.

Le ntombazane itholakale inenxeba lokudutshulwa ekhanda endlini yesoka layo.

Amaphoyisa athi isidumbu sikaMushfeeqa Hanslow sitholakale siboshwe izandla nezinyawo ngentambo, ikhanda ebeligobhoza igazi beligoqwe ngethawula nangopulasitiki.

Umndeni uthi le ntombazane ibihleli nesoka endlini, umfowabo wesoka omncane edlala ngaphandle.

NgoLwesithathu iphephandaba iDaily Voice ilhambele kule ndawo kukhona nethimba lamaphoyisa ebeliqoqa ubufakazi.

Umama kamufi uRuwayda Adams, 45, uthi uqale ukukhathazeka ngoLwesibili ebusuku ngesikhathi ucingo lwendodakazi yakhe luvaliwe.

OLUNYE UDABA: Kushone abathathu kugetshengwa i-ATM eMadadeni

Uthi indodakazi yakhe, enguthumbu ezinganeni zakhe ezine, ibivamile ukulala esokeni, kanti futhi le mizi yakhelene.

Uthi umufi uphume ekhaya emini ephethe umakhalekhukhwini wakhe nokuyiyo into eyamkhathaza ngesikhathi engasamtholi ocingweni.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Lance Goliath, uthi amaphoyisa anethemba lokuthi uzobanjwa kungekudala umsolwa.

"Kuvulwe icala lokubulala kanti amaphoyisa ayaludinga usizo lomphakathi kuleli cala," esho.

Uma kukhona onolwazi angaxhumana noDetective Captain Gerald Gysman ku-079 894 1334 noma ku-021 690 1517.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.