Intsha enkingeni ngezinga eliphezulu lokungasebenzi kusukela ngo-2003

2017-08-07 12:32

Cape Town – Izinga lokungasebenzi ngekota yesibili yonyaka ka-2017 liqhubekile nokuhlala ku-27.7% kusukela ngekota edlule, kodwa kwehla ngo-1.1% uma kuqhathaniswa nonyaka odlule, abeStatistics South Africa bamemezele kanjalo ngonyaka odlule.

Izinga lokungasebenzi lamanje lingeliphezulu kakhulu kusukela ngoSepthemba 2003.

OyiStatistician General, uPali Lehohla, okhiphe imiphumela yocwaningo lwezemisebenzi yekota yesibili kulo nyaka ePitoli, uthi sehle ngo- 0.4, sayofinyelela ku-43.3%, isibalo sabantu abangasebenzi abaneminyaka esukela kwengu-15 kuya kwengu-64.

Isibalo eseluliwe sabantu abangasebenzi – esibandakanya nalabo abawufunayo umsebenzi kodwa abangazixaki ngokuwubheka – sikhule ngo-0.2% kanti manje sesimi ku-9.3 million wabantu.

OLUNYE UDABA:I-NUM izobhikishela ukudilizwa kwabasebenzi abangu-8 500

Intsha ephakathi kweminyaka engu-15 kuya ku-24 iyona elokhu ishayeka kakhulu kwezemisebenzi njengoba izinga lokungasebenzi licishe lifinyelele ku-56%, njengoba izinga lokuqashwa liku-12%. Kubantu abangasebenzi kulesi sigaba u-32.2% wabo awusebenzi, awufundi futhi alukho uqeqesho olutholayo.

“Lokhu kusho ukuthi balinganiselwa ku-3.3 million abantu abasha abaphakathi kweminyaka engu-15 kuya ku-24 yobudala abangenzi lutho,” uLehohla usho kanjalo.

UMphathi weReserve Bank, uLesetja Kganyago, utshele iPhalamende ngesonto eledlule ukuthi iNingizimu Afrika angeke ikwazi ukwakha imisebenzi uma ngabe umnotho ukhula ngezinga elingaphansi kuka-3%.

Waqaphela ukuthi baningi abantu abangena emakethe befuna imisebenzi okunemisebenzi eyakhekayo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.