Intsha ibhodla umlilo kulandela umshado wezilamani

2018-03-04 11:02

Lagos - Intsha ebidinwe igane unwabu ishise isonto elise-Anambra State eningizimu yeNigeria ngemuva kokuba indoda ibophe ifindo likasofasilahlane nodadewabo, ithi iyalelwe nguNkulunkulu.

Ngokusho kwePunch, uChiadikobi Ezeibekwe unguthisha we-Mathametics esikoleni samabanga aphezulu esigodini sase-Agba. NgeSonto, u-Ezeibekwe wabopha ifindo nodadewabo, 17, esontweni iDwelling Fullness of God.

Lo mshado wawuphethwe ngumfowabo ka-Ezeibekwe omdala, uChijioke Ezeibekwe, ongumfundisi kuleli bandla.

U-Ezeibekwe watshela iPunch ukuthi watshelwa uNkulunkulu ukuthi ashadelwe wudadewabo waze wacaphuna nasebhayibhelini, efakazisa ngalo ukuthi izelamani zingashada, waphinde wathi okuhle ngalokhu wukuthi akuzikhuthazi izihlukaniso.

OLUNYE UDABA:Ungqongqoshe uthi amakhondomu aseChina 'ayabampintsha abesilisa baseZim'

"Angizizwa nginecala. Anginamahloni futhi angesabi. NguNkulunkulu kuphela ongasimisa. "

Le ndoda iqhube ngokuthi ayizange ikhiphe lobolo ngokushadelwa wudadewabo.

Kodwa iningi emndenini nasemphakathini lithukuthele.

Intsha yakule ndawo kubikwa ukuthi yatshengisa ukudinwa kwayo ngosuku olulandela olomshado, yathungela ngomlilo ibandla iDwelling Fullness of God.

UNgqongqoshe wezeNdabuko e-Ekwulobia, uGabriel Ezeukwe uzwakale ethi intsha yase-Agba ebone lo mshado njengesinengiso yokhele ngomlilo isonto obekushadelwa kulo.

"Intsha ngiyinqandile ukuba ihlasele le ndoda nomndeni wayo. Ukube besisaphila esikhathini sakudala le ndoda nomndeni wayo wonke ngabe wokhelwe ngomlilo ngoba isenzo sawo uyisinengiso futhi uyicala."

Indodana endala yakulo mndeni, u-Emeka ishaqekile.

"Ngiyobe sengafa mhlazane bazibiza ngomfazi nendoda. Lokhu angeke kwenzeke," usho njalo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/World
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.