Intukuthelo kubazali ngothathe umchamo wezingane eyothaka umuthi

2017-10-30 16:00

Durban - Kuxabene ubendle eMashushu eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal njengoba abazali babafundi baseMdlelanga Primary School bevutha bengabaselwe ngenxa yelunga lomphakathi lesilisa elithathe umchamo wezingane zabo lithi liyothaka umuthi wokwenza ama-pile.

Kuthiwa isimo sibi kule ndawo ngenxa yalesi sigameko okubikwa ukuthi senzeke ngesonto eledlule. Ngokuthola kweLANGA, lona wesilisa osebenza ngaphakathi esikoleni ukutshala engadini, ahlanze igceke, ukhokhobele abafana abayisihlanu ezindlini zangasese wathi mabachamele esigujini uzozipha u-R5 umuntu ngamanye.

Kuthiwa emuva kwalokho izingane zitshele othisha ngoba zingasayitholi imali ebezithenjiswe yona, zafika zabika nakubazali bazo emakhaya. Kuvela ukuthi abazali balibangise esikoleni bevutha bhe, bebuza ukuthi yake yenzekaphi into efana nalena.

Umthombo weLANGA uthi abazali bafike esikoleni bekhihla isililo kanti sekukhona abathi izingane zabo sezibika ukugula, zikhala ngokudonseka kwezinkaba emuva kwalesi sigameko.

"Abazali bafike bekhala izinyembezi kuthishanhloko bethi kungani kungavele kufe bona kunokuba kubulawe izingane zabo besaphila," kusho umthombo.

Uthi mkhulu umsindo osendaweni kubatshazwa umhlola mayelana nalo mkhuba. UNkz Thobekile Khanyile ongomunye wabazali bezingane ezithintekayo - indodana yakhe efunda uGrade 1 - uthi ingane yakhe isiyazichamela esikoleni, kayisakwazi ukuzibamba emuva kokuba kuthathwe umchamo wayo.

Uthi selokhu kwenzeke lokhu, ikhala ngenkaba ithi kunento eyidonsayo ngaphakathi.

“Kangizange ngikholwe ngesikhathi ngizwa le ndaba kwaze kwaba ngiya esikoleni ngayobika. Lo baba uxolisile wathi yena ubeyokwenza umuthi wokuchatha ngesikhathi esebizwa ebuzwa phambi kwethu. Okungiphatha kabi kakhulu wukuthi uthishanhloko ukhombise ukungaseseki kakhulu ngoba ulokhu egqugquzela ukuba axolelwe lo baba ekubeni sihlukumezekile ngezingane zethu," kusho uNkz Khanyile.

UMnu Cebo Gcaba naye onengane - okuthathwe umchamo wayo - uthi kakulaleki uma ecabanga lesi sigameko. Uveze nokuthi ukuxolelwa kwalona wesilisa ngeke kuwenze umehluko ngoba kayaziwa inhloso yakhe yokuthatha umchamo wezingane futhi akawubuyisanga.

"Yithina esizwa ubuhlungu ngoba kasiwazi umkhuba obuyogilwa ngomchamo wezingane zethu. Umoya wami uhlukumezekile, uthishanhloko usitshele ukuthi udaba malushayelwe phansi lungafiki kwabezindaba," kusho uMnu Gcaba.

OLUNYE UDABAKufunwa ingane eduke edolobheni eThekwini

Induna yendawo uMnu Qedani Nxumalo, ithi lolu daba lukhulunyiwe esikoleni ngoMsombuluko odlule. "Abantu sebeyizilwane, ngaso sonke isikhathi bahlale becabanga okubi. Lo muntu uyazithanda kabi izingane akasoze enze olubi kuzona. Mina ngiyamazi nodokotela wakhe lo muntu, vele unenkinga yama-pile.

Akukho lutho nje olubi ngoba nezingane zihanjisiwe emtholampilo zayohlolwa," kusho uMnu Nxumalo.

 Ethintwa uNkz Ncanekazi Dladla oyilunga lesigungu sesikole, utshele leli phephdaba ukuthi ezingxoxweni zabo nothishanhloko, kucelwe ukuba lona wesilisa engabe esasebenza kulesi sikole ngoba abazali badiniwe.

"Bekumele awucele umchamo kubazali bezingane, kungabi yinto ayifihlayo ngoba inika esinye isithombe. Udaba luxoxiwe esikoleni walubeka uhlangothi lwakhe naye lona owenze le nto," kusho uNkz Dladla.

ILANGA libuze ukuthi lona wesilisa akanazo yini izingane zabafana noma ezezihlobo zakhe ngoba bese kuzwakale ukuthi ubefuna umchamo wabafana. UNkz Dladla uthi uthe izingane ezisencane akanazo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Scelo Khuzwayo, uthe bashaqekile kakhulu ukuzwa ukuthi kungenzeka into efana nalena esikoleni.

Uthi bazosondela eduze kwesikole ukuze bathole kabanzi umsuka walolu daba.

“Yisikhathi esibi kakhulu lesi sokubhala kwabafundi izivivinyo, kasiyigqugquzeli into ezophazamisa umgqigqo wokubhala," kusho uMnu Khuzwayo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.