Intukuthelo ‘ngohlekise’ ngokushona kowayedlalela amaSpringboks

2017-02-07 11:33

Johannesburg – Isithombe esinombhalo (meme) nesibukeka sihlekisa ngokushona kwalowo owayengumdlali wamaSpringboks, uJoost van de Westhuizen, sesicasule kakhulu abantu enkundleni yezokuxhumana, iTwitter.

Le meme ikhomisa umlingisi wombukiso iSpiderman, uTobey Maguire, kanye nombhalo othi: “Mina uma ngizwa umuntu omhlophe ushonile” nofakwe uRiaan Lucas kuTwitter.

OLUNYE UDABA: Indumalo kuTwitter ngokushona kowayedlalela amaSpringbok

Kodwa-ke ngemuva kwalesi sigameko uLucas useyivalile i-account yakhe enkundleni yezokuxhumana. Akatholakalanga ukuba aphawule.

UVan der Westhuizen ushone ngoMsombuluko ngemuva kokuxinwa yisifo se-motor neuron. Ushone eseneminyaka engu-45 ubudala.

Inhlangano yakhe, iJ9 Foundation, ikuqinisekisile ukuthi uphuthunyiswe esibhedlela ngoMgqibelo.

Yize yoma eke wakhombisa izimpawu zokukwazi ukubona abantu abebeseduze kwakhe, uVan der Westhuizen kugcine kumenele ngoMsombuluko ntambama.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.