Inyanga idubule intombi yazibulala

2016-11-07 12:30

Durban - Usadukuza oswanini umphakathi waseMatikwe eNanda, enyakatho yeTheku ngembangela yesihluku senyanga edubule intombi yayo maqede yazinqokloza ngenhlamvu yaya kwagoqanyawo ngeledlule.

Lesi sigameko esenzeke ngoLwesine, sithuse inqwaba yabantu kule ndawo njengoba le nyanga ibidumile futhi yaziwa emphakathini nasezindaweni ezakhele nayo. Kuthiwa uMnu Wilfred Zibula, 57, udubule uNkz Philile Thwala, 31, amahlandla ayisihlanu maqede wamphoqa ukuba ageze igazi lakhe phansi ngesikhathi yena esangene ekameleni.

Umthombo weLANGA uthi kabazi ukuthi uNkz Thwala usinde kanjani njengoba ekwazile ukubaleka waze wayofika kwamakhelwane eyocela usizo.

Kuthe esekwamakhelwane, kusathintwa amaphoyisa, bezwa isibhamu siqhuma emzini kaMnu Zibula kanti useyazibulala.

Umthombo weLANGA uthi kungenzeka ukuthi uMnu Zibula ugajwe yisikhwele kwazise ubengafuni nakuyizwa eyezingcingo ebezingena kumakhalekhukhwini kaNkz Thwala.

UMnu Bongani Sthembiso Nzama obesondelene kakhulu nomufi, uthi namanje akakholwa ukuthi uMnu Zibula uzibulele. Uthi kayikho into angayicabanga ebingamcasula ngendlela yokuthi aze azibulale noma adubule umuntu wesifazane ngale ndlela.

OLUNYE UDABA: I-EFF ithi ayijiki kolokudliwa komhlaba

"Le ndoda bengisondelene kakhulu nayo futhi ngiyazi ukusuka nokuhlala. Akekho umuntu obemazi ukudlula mina lapha endaweni. Le ntombazane elimele ngiyayazi futhi bekungakapheli ngisho izinyanga ezintathu ehleli nayo emzini wakhe. Ngokwazi kwami, ingeyaseMtubatuba kanti bebehleli kahle, akukho okubi engingathi bekubaxabanisile" kusho uMnu Nzama.

Uyiphikile eyezingcingo ebezingena kumakhalekhukhwini kaNkz Thwala wathi ngabantu nje abazikhulumela leyo nto.

Ngesikhathi ILANGA livakashele umndeni wakwaZibula, bekubonakala nje engcekeni ukuthi isimo simuncu. Umndeni kaMnu Zibula kawuthandanga ukuphawula ngalolu daba ngoba uthi nawo kawazi ukuthi kwenzekeni.

"Akukho esizokukhuluma thina njengomndeni ngoba besingekho, sithole ucingo sekuvele konakele," kusho owesifazane oyilunga lomndeni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe kuvulwe icala lokuzama ukubulala nedokodo ngokufa komuntu emuva kokuba owesifazane edutshulwe ngowesilisa abehlala naye maqede wabhekisa isibhamu kuyena wazidubula. Uthi amaphoyisa asaphenya ibhangela yalokhu.

Imizamo yeLANGA yokuthola uNkz Thwala iphunzile njengoba ucingo lwakhe luphendulwe ngowesifazane othe uyisihlobo sakhe wathi luphethwe nguyena ngoba umnikazi walo esasesibhedlela.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.