Inyanga igajwe yisikhwele 'yabulala intombi'

2017-06-09 14:03

Durban - Igajwe yisikhwele qede yabulala intombi yaseCongo, eNanda, enyakatho yeKwaZulu-Natal indoda okusowa ukuthi  ibingafuni ukwamukela ukuthi ucu kalusahlangani.

USiboniso Gumede, 39, usolwa ngokuklinya abulale uNomthandazo Mkhize, 26, obeyintombi yakhe, okuthiwa ubelokhu emncenga njalo ukuba babuyelane.

USibusiso Mkhize onguninalume kaMkhize, okunguyena ozibambele umsolwa wamhambisa emaphoyiseni, uthi umshana wakhe uphume kubo ngoMsombuluko ngeledlule eyofuna imali yokudla kuyise ohlala endaweni ebizwa ngokuthi iseNamibia khona eNanda.

Uthi abashana bakhe bebehlala bodwa emzini kanina oshone ngoNovemba nyakenye.

Utshele ILANGA ukuthi umufi  uyitholile imali kuyise wabe eseyoyiphuza ejoyintini kwaze kwahwalala.

Esendleleni ebuyela ekhaya, uhlangane noGumede ehamba nabangani bakhe ababili, owesilisa nowesifazane.

Kuthiwa umsolwa ucele umufi ukuba bayohlala endlini yakhe, uzothenga obunye utshwala baqhubeke nokuphuza.

Umufi uhambile nomsolwa nomngani wakhe wesilisa, owesifazane wagoduka wathi uyolala.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwashona abantu abane eThekwini

Kubikwa ukuthi laba bobathathu banikele endlini kamsolwa bayoqhubeka nokuphuza kwaze kwaba sebusuku.

Kakucaci ukuthi ingxabano isuswe yini ngesikhathi sebesendlini kaGumede, okwenze ukuba aze abulale umufi.

Phakathi kwamabili, kuthiwa umsolwa uye kumngani wakhe wesifazane  - abebehamba naye ngesikhathi behlangana noMkhize – wafike wazibuzisa umufi ukuthi uphelelephi, akasamboni.

Umsolwa utshele umngani wakhe ukuthi umufi uphume endlini yakhe esephuze kakhulu, akamazi ukuthi uphelelephi, uhamba ebheka yena ngoba unovalo kwazise ubesephuze kakhulu futhi ehamba yedwa kanti akuphephile.

Kuthiwa ngakusasa ngoLwesibili ekuseni, kutholakale isidumbu sikaMkhize sihudulelwe endleleni ngasemzini kamsolwa.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uCapt Thembeka Mbhele, uthi umsolwa uboshwe ngoLwesithathu olwedlule, wavela eNkantolo yeMantshi eNtuzuma ngoMsombuluko, icala lahlehliselwa umhlaka 14 kuJuni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.