Inyunyana ithi alixoshwe IPhini elivume elokushaya owesifazane

2017-08-09 12:31

Johannesburg - INational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) ngoLwesithathu inxuse uhulumeni ukuba akhombise ukuzibophezela kwakhe ngamalungelo abesifazane ngokuthi athathele izinyathelo iPhini likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uMduduzi Manana, ovumile ukuthi washaya owesifazane endaweni yobumnandi.

Ekuseni ngeSonto iphini likangqongqoshe kanye nabangani balo babeseCubana eFourways ngesikhathi lishaya uMandisa Duma. 

Abazibonela bathi uManana wahlasela uDuma ngemuva kokuxabana kade kuphikiswana ngozongena esikhundleni sikamengameli we-African National Congress (ANC), nokuyilapho uManana abizwa khona ngesitabane.

I-video yesigameko yasabalala ezinkundleni zokuxhumana, uManana wagcina exolisile ngesenzo sakhe.

UDuma wavulela uManana icala lokushaya eDouglasdale Police Station.

OLUNYE UDABA: Kuwe ibhulohwe ku-N3 kwalimala izimoto

NgoLwesibili, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula uthe sekusemome ukuboshwa kukaManana kodwa nanamhlanje ekuseni ubengakaboshwa.

Ngasekuqaleni kwesonto, uMengameli uJacob Zuma uzwakalise ukukhathazeka ngesenzo sikaManana.

Ibamba lokhulumela iNumsa, uPhakamile Hlubi, lithe inyunyana ayikwamukeli ukuxolisa kukaManana ngoba impilo yakhe yayingekho ebungozini ngesikhathi eshaya.

INumsa ithi isenzo sikaManana sinikeza ihulumeni osetshenzela nguyena ithuba ukuba lokuba ukhonmbise ukuthi awuhambisani nezenzo zokuhlaselwa kwabesifazane nezingane.

- ANA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.