Inyunyana yamanesi ithi izohoxisa amalungu ayo ngenxa yobugebengu

2016-08-12 20:31

Durban - IDemocratic Nursing Organisation of South Africa (Denosa) KwaZulu-Natal ngoLwesihlanu ithe ihlose ukuhoxisa amalungu ayo ezindaweni ezingaphephile kulandela ukubanjwa kwenkunzi amanesi aphinde adunwa nemoto.

Unobhala weDenosa esifundazweni, uCassim Lekhoathi, uthe itekisi ebebehamba ngayo imiswe yimoto encane eNtambanana, Mpangeni.

"Izigebengu ezimbili zingene etekisini zabaphuca omakhalekhukhwini nezinye izinto ebebeziphethe ezihlanganisa ubucwebe nezikhwama zemali.. Ngemuva kwalokho izigebengu zibahambise ngemoto zabashiya ehlathini,” kusho uLekhoathi.

Funda nalolu daba: Ucishe wafa oshise umuzi engaphakathi

ULekhoathi uthi omunye wamanesi ucishe wadlwengulwa kodwa wasindidwa ukuthi utshele umsolwa ukuthi unesifo esibucayi kabi.

ULekhoathi uthe izigebengu zifuna izimoto zoMnyango.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.