Inyuvesi ayifani nenkulisa, kusho ungqongqoshe

2016-11-14 13:30

Pretoria – UNgqongqoshe wezeMfundo yamaBanga aPhansi u-Angie Motshekga uthi ziningi izingqinamba ezikhona ohlelweni lwezemfundo kuleli nokumele zilungiseke.

"Uhlelo lwezemfundo eNingizimu Afrika aluvulelekile kubo bonke abantu ngokwanele ukuthi lungakwazi ukuhlangabezana nezidingo zomnotho." 

Lawa ngamazwi kaMotshekga onguNgqongqoshe walo Mnyango.

Lo ngqongqoshe usho lokhu esithangamini sabezindaba lapho ebekhuluma khona ngenqubo yokuhanjiswa kwezinsiza ezikoleni.

"Sibheke ukugcwalisa kakhulu izikhungo zemfundo ephakeme sikhohlwe wukubaluleka kokuqinisa emfundweni yamabanga aphansi," kusho uMotshekga echaza ngokuthi ezweni i-Austria, u-14% wabafundi ababheke ukuya emanyuvesi kodwa kuleli u-80% wabafundi bakamatikuletsheni ababheke ukungena emanyuvesi.

Ukungavuleleki kwezemfundo kuleli yikona okwenza singabi namakhono anele, kubika iFIN24.

OLUNYE UDABA:Abafundi bazobhikisha baze bayithole imfundo yamahhala - Malema

"Emazingeni aphansi, kudingeka abantu abanolwazi oluphathekayo lokwazi ukufundisa odado, kodwa thina sigxile kakhulu ekufundiseni abantu abasha ukuze bakwazi ukufundisa emanyuvesi.

“Amanyuvesi ayizikhungo zocwaningo, ngeke ushintshe inyuvesi uyenze inkulisa, nokuyinto esiyidinga kakhulu kuleli.

"Okunye wukuthi abafundi abaya enyuvesi basuke bengakakulungeli ngokwanele ukukhetha imisebenzi abayifunayo. Uphuma kumatikuletsheni unamamaki ango-A bodwa kodwa ubhekane nezingqinamba eziningi emanyuvesi.

"Inkinga enkulu wukuhleleka kohlelo lwezemfundo nokuyinto okumele ilungiswe. Yingakho bebaningi abaneziqu kodwa bengasebenzi," kusho lo ngqongqoshe.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.