Inyuvesi yaKwaZulu-Natal isungule umkhankaso we-Pap smear

2018-03-07 14:01

eThekwini - UMnyango we-Obstetrics and Gynaecology enyuvezi yaKwaZulu-Natal ubambisene nenhlangano iCancer Association of South Africana basungule umkhankaso wokuhlolela umdlavuza wesibeletho.

Lo mkhankaso owethulwe ngoLwesithathu waziwa ngokuthi wuMdlavuza “Pap Smear” Drive eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini.

Inhloso yalo mkhankaso wukuqwashisa kanye nokuhlolela umdlavuza wesibeletho.

OLUNYE UDABA:Umdlavuza webele: Wazi kangakanani ngalesi sifo

USihlalo walo mkhankaso obuye abe yiNhloko yomnyango we-obstetrics and gynaecology, uSolwazi Motshedisi Sebitloane, uthi kubalulekile ukuthi abesifazane bajwayele ukwenza ama-Pap smear ukuze kugwemeke umdlavuza wesibeletho.

USebitloane uthe ukwethulwa kwalo mkhankaso kuzokwenziwa emcimbini owaziwa nge-38th National Congress of the South African Society of Obstetricians and Gynaecologists.

Njengengxenye yalo mkhankaso, abesifazane bazobe benziwa iPap smear mahhala esibhedlela iNkosi Albert Luthuli Central ngomhlaka-21 Ephreli, kubika iThe Citizen.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.