Inyuvesi yaseZululand ibhekene nezinkinga zokukhwatshaniswa kwamamaki

2017-08-15 18:00

Durban - Inyuvesi yaseZululand isolwa ngokuphasisa abafundi abenza izifundo zobuhlengikazi yize bengawatholanga amamaki enele ukuba bangathola iziqu.

Kuthiwa sekuneminyaka emithathu kwenzeka lokhu kanti baningi abahlengikazi abathola iziqu kungafanele.

Kuthiwa umbiko wokukhwatshaniswa kwamamaki wakhishwa yilowo oyinhloko yalezi zifundo uSolwazi Thokozani Mhlongo, ngesikhathi kudingeka banikeze uMkhandlu wezobuHlengikazi eNingizimu Afrika imininingwane yabafundi.

Le nyuvezi ihlulekile ukukhipha iminingwane edingekayo ukuze umkhandlu uqhubeke nohlelo lokubhalisa abahlengikazi abaphasile.

OLUNYE UDABA:'Inyuvesi ifuna izindlela zokuqeda unyaka wokufunda'

Umthombo ongaphakathi kule nyuvesi utshele abezindaba ukuthi bathathu noma bane abantu abaziyo ngalo mkhonyovu kanti kulaba bantu kubalwa kubo noMhlongo.

“Okwenzekile wukuthi iminingwane okumele ithunyelwe emkhandlwini okuyiyona edingekayo ukutshengisa izifundo ezenziwayo ibingekho ngakho-ke bavele bakhwabanisa amamaki.

“Kule minyaka emithathu edlule, ikomidi lezivivinyo kule nyuvesi belingenayo le mininingwane. Kulokhu abebekuthola , amamaki abengafakiwe ngokwesifundo ngasinye kodwa kubonakala amamaki wonke asephelele. Lokhu yikona okudala imibuzo eminingi ngokuthi umkhandlu uhlulekile ukubona ukuthi kukhona okushaya amanzi,” kusho umthombo wephephandaba iThe Citizen.

Kuthiwa indaba yahlala obala ngesikhathi umkhandlu ufuna iminingwane yeminyaka ka-2014 kuya ku-2016 nokungubufakazi bamamaki anikezwa abafundi.

Kuthiwa yilokhu okwenza abafundisi bahluleke ukuzibamba baveza ukuthi batshelwa ukuthi kumele baveze kuphela amamaki ezifundo okwakuvivinywa ngazo bese bahlanganisa izibalo ukuze bagweme ukufaka imaki ngalinye esifundweni ngasinye.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.