IPhalamende lizobhekisisa imithetho eyenziwa ngobandlululo

2017-02-05 18:05

Johannesburg - Maduzane iPhalamende kulindeleke libuyekeze noma lihoxise imithetho elinganiselwa kwengu-2 000 eyenziwa ngesikhathi sobandlululo.

Ngeledlule iLegal Services Unit yethule umbiko ngaphambi kweNational Assembly Programming Committee mayelana nosekwenziwe ukuhlonza imithetho yangesikhathi sobandlululo okungenzeka ukuba ayihambisani nomthethosisekelo.

IDemocratic Alliance (DA) ne-African National Congress (ANC) bathi bayasamukela lesi sinyathelo.

Kodwa noma kunjalo bayaphikisana ngezindlela okumele lolu daba lusingathwe ngayo.

OLUNYE UDABA: Uquleke washona esebenza efemini

Ngonyaka odlule ikomidi lanikwa umsebenzi yokuhlonza imithetho yangesikhatho sobandlululo okungenzeka ukuba iphambene noMthethosisekelo.

Umbiko uthole ukuthi ingu-1 850 imithetho eyaphasiswa phakathi kuka-1910 kuya ku-1993.

Okulandelayo ukuba abezomthetho bathole ukuthi le mithetho ingaphansi kwayiphi iMnyango, ukuze izwakalise izimvo zayo nokumele kwenziwe.

 - SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.