Iphazamise ukubhalwa kwezivivinyo impi yezigodi e-KZN

2017-11-09 12:34

Durban - Simanzonzo isimo eZiyendane, eMandeni, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal ngenxa yempi yezigodi ephazamisa ukubhalwa kwezivivinyo zabafundi zokuphela konyaka.

Impi iphakathi kwabafundi baseMbuyiselo High School kuyona le ndawo kodwa abadabuka ngaphansi kwezizwe ezimbili okungesakwaMhlongo nesakwaBiyela.

Izigodi ezibambene ngezihluthu ngesaseMdudu (esakwaMhlongo) nesaseMakhumi (esakwaBiyela) Kubikwa ukuthi le mpi iqale ngo-2015 lapho bekukhuzwa khona ithule kodwa ngo-Agasti nonyaka ifane nomlilo okhwezelwa ngophethiloli.

OLUNYE UDABA:Kugencane abafundi esikoleni bebanga ibhodi

Umthombo weLANGA, uthi ukungaboni ngaso linye kwabafundi kuqala emaceceni uma kunemicimbi bese beyiqhuba esikoleni impi yabo. Abafundi bakamatikuletsheni basenkingeni njengoba kuthiwa kuphathelwana izikhali, kundize amatshe emagcekeni esikoleni kubencane indawo.

Izolo ngoLwesithathu abafundi balandwe ngamaphoyisa emakhaya, bagadwa ngisho bebhala. Kuthiwa sekukhona abangasabonwa nangokhalo esikoleni ngenxa yokwesaba ukuthi hleze benzakaliswe.

Kubikwa ukuthi ngoMgqibelo umfundi kamatikuletsheni, onguScelo Mkhwanazi, ulalelwe unyendle ngabanye abafundi ebuya esikoleni, bamshaya bamshiya bethi ushonile.

Uthishanhloko wesikole, uGabriel Mkhwanazi, uthi balimele kakhulu esikoleni ngoba lo mfundi bekubekwe kuyena amathemba ngenxa yokuhlakanipha kwakhe.

"Umona ngiyawusaba ezweni, le ngane besithembele kuyona esikoleni ukuthi izodabula inqwaba yo-A. Ngikhuluma nje isesibhedlela," kusho uMnu Mkhwanazi.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, kumisiwe ukubhalwa kwezivivinyo ubuholi bomdabu batshela abazali ukuthi izingane mazibuye ngonyaka ozayo.

Omunye wabafundi utshele ILANGA ukuthi sebelandwa ngamaphoyisa aphinde abahambise ngoba izindawo abahamba kuzona zinamahlathi.

"Mina kangiyena owokudabuka kule ndawo kodwa sengiyesaba ukuthi ngizofela ubala. Ekuseni ngilandwe ngamaphoyisa, kangiyazi le nto ebangwayo esikoleni," kusho umfundi.

Iphepha le-English neleDramatic Art, bawabhale begadiwe emuva kokuba uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMthandeni Dlungwane ethumele umyalezo esiteshini samaphoyisa wathi makuvikelwe abafundi. 

Induna yendawo, uBiyela (engavumanga namagama ayo), ithe kakulona iqiniso ukuthi impi isuke kade kunemicimbi yasemakhaya.

“Kasazi ukuthi lezi zingane zibangani. Ziyalindana uma sezihamba zilwe kube ncane indawo, isimo sibi kakhulu, yingakho sesitshele abazali ukuba bakhiphe izingane zabo esikoleni.

"Okudidayo kakhulu wukuthi kazilubhadi lezi zingane emaceceni, okuyilapho-ke okumele kugcwekwe khona," kusho uBiyela.

UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ujube umqondisi wezokubhalwa kwezivivinyo nokuhlelwa kwe-curriculum esifundazweni, uDkt Bunny Mthembu, oziyele mathupha kulesi sikole izolo ngoLwesithathu ehambisana nomqondisi wehhovisi lezemfundo ngaphansi kukaMasipala wesiFunda iLembe, uMsawenkosi Madondo. Uzwakalise okukhulu ukukhathazeka ngokuphazamiseka kwabafundi.

"Sizoxoxisana nomnyango wemfundo eyisisekelo kucelelwe abafundi ukuba babhale izichibiyelo ngoba lesi simo singaphezu kwabo.

"Okwamanje ungqongqoshe uhlukumezekile ngale nto, yingakho umnyango uzohlinzeka ezokuphepha kuqinisekiswe ukuthi nalaba ababhala amaphepha angaphakathi, bayakwazi ukuqhubeka nawo kuze kube bayaqeda," kusho uMnu Mthembu.

Ukuchithile ukuthi njengoba kumiswe izivivinyo kuzoze kubhalwe ngonyaka ozayo kwaGrade-10 no-11, wathi umnyango uzoqinisa ezokuphepha esikoleni.

Umholi weDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal, uZwakele Mncwango, unxuse umnyango ukuba uqashe inkampani yonogada, kungathenjelwa kwabomthetho bebodwa. Utshele uDkt Mthembu ukuthi kubathokozisile ukusukumela phezulu komnyango.

"Ukuphazamiseka kwengane kulimaza ikusasa layo, le ndaba kumele ilungiswe yiwona ngqo amakhosi," kusho uMnu Mncwango.

Kusasa ngoLwesihlanu kubizwe umhlangano womphakathi, amakhosi womabili nezikhulu eziphezulu emnyangweni wezemfundo kusona lesi sikole.

 - ILANGA

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.